Somlomo neNdlu ehloniphekile egameni leNkatha Yenkululeko, okokuqala, ngifuna ukukhalela iqembu likaKhongolose ngokulahlekelwa nguNelson Ramodike. Okwesibili, ngifuna ukukhalela umndeni wakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ubeyilungu lale Ndlu.
Sishilo isikhulumi sokuqala ukuthi ungene kumaphi amaqembu kodwa ugcine eseyilungu likaKhongolose. Ukuhanjelwa yilungu noma ngabe linhloboni noma ngabe linjani kubuhlungu kudlula konke okunye. Ukushona komuntu emhlabeni yinto okungelula ukuba uyikhohlwe futhi ayinambitheki noma ngabe iqhamuka ngayiphi indlela. Ngakho sithi umufi akalale ngoxolo, aphumule, umndeni wakhe uthobeke amanxeba. Sonke siyamlandela. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker and this august House, on behalf of the Inkatha Freedom Party, firstly, I wish to convey my condolences to the ANC on the passing of Nelson Ramodike. Secondly, I wish to convey my condolences to his family. We all remember that he was a member of this House.
The first speaker indicated which parties he had belonged to but in the end he was a member of the ANC. Losing a member of any kind is more heartbreaking than anything else. The death of a person is something that you cannot forget and it is never accepted no matter how it happenened. With those words we are saying, may the deceased rest in peace, and his family be comforted. We will also follow him. [Applause.]]