Ngiyabonga Somlomo, iNingizimu Afrika inoMthethosisekelo kanye nemithetho. Umthetho wamaPhoyisa uyasho ukuthi: umuntu otholwe yinkantolo enecala kodwa isigwebo sakhe salengiswa, uyacela kuKhomishane kaZwelonke bese uKhomishane kaZwelonke ethi uyombuyisela esikhundleni. Sikhuluma ngomuntu otholwe enecala wanikezwa isigwebo esilengisiwe. Usho njalo umthetho.
Lapha-ke sikhuluma ngendaba engekafiki nokufika lapho kodwa enomthelela cishe ongangabi muhle emaphoyiseni; sikhuluma ngendaba yokungawugqizi qakala umthetho, uMthethosisekelo, sihambise phambili imibono yomphakathi odabeni okungakafiki ezingeni lokuthi sisho njalo. Umbuzo wami-ke Mongameli uthi; singenza kanjani ukuthi lento ingabi nomthelela omubi kakhulu emaphoyiseni asebenzayo njengoba elindeleke ukuba athobele uMthethosisekelo nemithetho yaseNingizimu Afrika asebenza ngaphansi kwayo futhi okufanele nakuwo usebenze. Ngiyabonga.
UMONGAMELI WERIPHABHLIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo nelungu elihloniphekile, angazi ukuthi mina ngiyimina nje nginganisiza kanjani kulokho. Abantu abaphikisayo bahlale njalo nje befuna okuthile, ngesinye isikhathi bakhuluma beziphikisa. Ngeke bayeke ukulokhu bebuza imibuzo noma bewazi ukuthi umbuzo awusho lutho; bazowubuza ngoba phela bayiqembu eliphikisayo. Njengalena nje, sithatha into yasemaphoyiseni, ekubeni emaphoyiseni kunezinyathelo ezithathwayo ngento eyenzeka khona.
Benza sengathi abakwazi lokho, bakubuze ngisho usuphendulile, umsebenzi wabo-ke, ngeke ngabaphikisa, okwami wukuphendula nje uma sebebuzile. [Uhleko.] Ngeke ngibatshele ukuthi abacabange kanje; lutho abatshelwa uma bephikisana nomuntu, uma ungabatshela ngabe usungene enkingeni [Uhleko.] Kungathiwa manje uvala iqembu eliphiksayo umlomo. Abadedelwe babuze, sizobacacisela nje kahle. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mrs L S CHIKUNGA: Thank you, Speaker. South Africa has a Constitution and laws that govern it. The South African Police Service Act says: When a member of the police force has been found guilty by a court of law but is given a suspended sentence, he or she has a right to ask the National Commissioner to be reinstated. That is what happened with him - he was found guilty but he was given a suspended sentence. That is what the law says.
This matter is still under investigation but it is speculated that it might have a negative effect on the police; we are talking about disregarding the law and the Constitution about an issue that has not even come to that point. We are only concerned with prioritising public opinion and we are getting ahead of ourselves. My question to you, Mr President, is: How can we prevent this issue from having a negative effect on the police as they themselves have an obligation to comply with the Constitution and the laws of the country as they execute their duties? Thank you.