Sihlalo, Mhlonishwa Ngqongqoshe; Rob Davies, Mhlonishwa Sekela Ngqongqoshe, mama Elizabeth Thabethe, maLungu ePhalamende ahloniphekile kufanele ngisho nje zisasuka ukuthi uhulumeni we-ANC, oholwa uMongameli uJacob Zuma, uNxamalala, usukhiphe imali eningi ebizwa ngemihlomulo eyimihuheko, kule minyaka emibili nengxenye uphethe ukuze kuxhaswe izimboni zikwazi ukuthuthukisa nomnotho kuqashwe futhi nabasebenzi abaningi abahleli kumanje bengaqashwe ndawo.
Ngokwenza lokhu, uhulumeni we-ANC uhlose ukuthi kuncishiswe igebe phakathi kwezicebi nabantulayo; kuncishiswe ububha kanye nokuntuleka komsebenzi. Kodwa ingxenye yale mali eningi ekhishiwe ebizwa ngemihlomulo eyimihuheko, engingayibala ngezigaba zayo, ihambisana futhi nemali yokuthi kusizakale ukuthi kuqashwe intsha yakithi okumanje ihleli emakhaya, yona ebizwa ngemali yokubonelela intsha. Angiqinisekise le Ndlu-ke ukuthi uhulumeni we- ANC awusoze nakanye ugqugquzele abaqashi ukuthi basebenzise imali yokuxhasa intsha ukuze baxhaphaze intsha yakithi entula umsebenzi.
Yingakho-nje lolu daba luphambi kwe-Nedlac ukuze kuxoxiswane ngalo phakathi kwezinyunyana zabasebenzi, uhulumeni, abaqashi kanye nezinhlangano zomphakathi ukuze kufinyelelwe esixazululweni sokuthi le mali ingasetshenziswa kanjani ngaphandle kokuvula ithuba lokuthi kuxhashazwe intsha ngokuthi iqashwe bese iholelwa imali encane. Sinesiqiniseko sokuthi lezi zingxoxo ze-Nedlac, zizophumelela futhi kuzofinyelelwa esisombululweni.
Ngikhuluma ngalokhu, ngoba lesi sabiwomali esikhuluma ngaso namuhla, sifaka nale mihlomulo eyimihuheko esikhuluma ngayo ngoba yilo Mnyango wezoHwebo neziMboni onikezwe umsebenzi wokuthi ukhiphe le mihlomulo eyimihuheko esikhuluma ngayo namhlanje. I-DA-ke ikhethe ukuthi ibhikishe, ibhikishele i- Cosatu. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr N E GCWABAZA: Chairperson, hon Minister Rob Davies, hon Deputy Minister, Mrs Elizabeth Thabethe, hon Members of Parliament, I must state from the outset that the ANC government, led by President Jacob Zuma, Nxamalala (clan name), has provided substantial funds that will be used to provide incentives. This has happened in the past two and a half years of him being in office, that is the sponsoring of companies or employers to help with economic development and to provide employment opportunities to the large numbers of unemployed citizens.
The ANC government is doing this with the aim of bridging the gap between the rich and the poor; to alleviate poverty; and to create job opportunities. Half of these allocated funds, which are actually meant to provide incentives, are allocated for a number of different purposes that I can specify. They include the youth wage subsidy, which is meant to provide employment opportunities for our unemployed youth. I want to assure this House that the ANC government will never encourage employers to use the youth wage subsidy to exploit our unemployed young people who are desperate to secure employment.
That is the reason why this issue has been presented to Nedlac to deal with. It will be discussed with workers' unions, government, employers, and community organisations with the aim of finding a suitable way to use these funds. This will ensure that they are not exploited. One example of such exploitation is paying them low wages. We are certain that these negotiations with Nedlac will bring about the desirable result.
The reason I am mentioning this is that the budget we are discussing today includes the aforementioned incentives since it is the Department of Trade and Industry that has been tasked with allocating them. The DA chose to stage a demonstration with Cosatu.]
There are two things the DA could have done. Firstly, they could have waited for the Nedlac process to come to a conclusion because ... [Interjections.]