Sihlalo neNdlu ehloniphekile, ngifuna ukuqala lapha kukubi khona kakhulu; udaba lokuthi uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi kanye noMnyango wamaPhoyisa kayisebenzisani kahle neze. Ukuthi kuvalwe amahhovisi bese amaphoyisa esebenzela ngaphandle sengathi awanayo imali into ehluphayo futhi okufanele ilungiswe masinyane ngoba uma kungenjalo, kusho ukuthi uMnyango wezemiSebenzi yomPhakathi awukho, asitshelwe-ke ukuthi sisebenza nobani.
Okwesibili, yileli komidi okuthiwa yi-Bid Adjudication Committee. Leli komidi lakho lenza umsebenzi omuhle kabi, kodwa indaba embi elayenza wukuthi lathenga izinto eziningi ezinye zazo ezingena msebenzi. Lasebenzisa izimali ezinkulu, ekugcineni kwatholakala ukuthi ezinye zazo ngeke zisebenze. Lokho akuvunyelwe-ke, yinkohlakalo phela leyo, ngeke sikwazi ukuyimela leyo. Kuyinto engavunyelwe nanoma nini ukuthi umuntu athathe imali yomuntu ohluphekayo ayisebenzise ngendlela engafanele.
Ngakho-ke siyanxusa ukuthi labo bantu abasebenzisa abangane ukuthola izindawo, amahhovisi, ukungena ezikhundleni, ukwenza yonke into - cishe ngathi nokuthola izintombi ... [Uhleko.] ... - akuvumelekile lokho. Akuvumelekile lokho mhlonishwa uNgqongqoshe. (Translation of isiZulu paragraphs follows.) [Mr V B NDLOVU: Chairperson and this august House, I would like to begin with the worst issue, that the Department of Public Works and the Department of Police are not working well together. Take for instance the issue of the closing of offices, where you find that the police are working outside as if they do not have money, which is really a matter of concern. It must be corrected very soon or else this will mean that we do not have the Department of Public Works. Tell us then who are we supposed to work with.
Secondly, the Bid Adjudication Committee is doing a great job, but the one bad thing that this committee did was to buy many things, only to find out that some of them were useless. It spent a lot of money and in the end it was discovered that some of those things were of no use. That is unacceptable, it is corruption, and we cannot stand that. It will always be unacceptable for a person to take money and misuse it.
Therefore, we are pleading with those who use their connections to get offices, positions and everything else - I almost said, even getting girlfriends ... [Laughter.] ... - that that is not acceptable. It is not acceptable, hon Minister.]
Therefore, corrupt officials need to be investigated, Minister, no matter what position they hold. That includes the supply chain management. I am not talking about people who are in supply chain management now. I am talking about those who were in supply chain management. They need to be investigated, together with those who have resigned, because ...
... ayikho into ebuhlungu njengokuthi uma umuntu esezobekwa icala lokweba kuthiwe usule izolo emsebenzini - usule ngoba esebile. Lokho kukodwa kusiphatha kabi thina ngoba kukhona abantu ababaleka nezimali zethu ngokungafanele.
Uma sibheka ukusebenza kwamaphoyisa, kukhona amaphoyisa asebenzisa isicabha esivuleka ngomshwibo - ngamanye amazwi, anebhizinisi khona la emnyangweni. Ugcine ungasazi ukuthi kwenzekani, ingabe lo muntu uyiphoyisa noma ungusomabhizinisi? Awusazi manje noma usomabhizinisi omncane ozidayisela iklabishi notamatisi laphaya esekhahlelwa enziwe yonke into kusuke kungoba lo muntu efuna ukuthi kudle yena yedwa - ngenxa yokuthi usebenzisa isicabha esivuleka ngomshwibo. Uma kungenjalo ngenkathi, uma eseboshwa yilaba ababophayo, asule emsebenzini mahlayeni mahlayeni usengumeluleki wawo futhi lo Mnyango. Ngeke sikumele lokho ngoba ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... there is nothing as sad as when a person is supposed to be charged with theft and you are told that that person resigned the previous day - she or he resigned after thievery. This is a huge concern because there are people who run away with our money.
Looking at police operations, there are those who use the sliding door - meaning they have businesses operating within the department. You end up not knowing what is really happening - is that person a police officer or a businessman? You end up being confused when you find a young entrepreneur who is selling cabbages and tomatoes on the street being ill-treated. Is it because that person wants to be the only one who benefits, because he is using the sliding door? If it is not that, you find that if he happens to be arrested by those who are qualified to do that, he resigns and the next thing you know he is the advisor of that department! We cannot allow that. We cannot allow that because ...]
... that is corruption on top of corruption plus corruption. [Laughter.] [Applause.]
Lokho kuhambenala nokungasebenzisi kahle izinsuku zasemsebenzini zokugula. Amaphoyisa awasebenzisi ngendlela efanele izinsuku zokugula. Lokho bakwenza ngabomu, angazi noma mhlawumbe lokhu bakwenza ngoba basuke bephethwe ngobhululu babo noma mhlawumbe odadewabo noma yingoba kunjani. Kukhona oke wakhuluma ngokuthi kukhona oke anyuswe esikhundleni enebanga lesishiyagalombili phezu koneziqu zemfundo ephakeme. Konke lokho kuyinkohlakalo.
Uyabona-ke Mhlonishwa ngakhulela emakhaya mina. Umuntu ogangile ubekwa icala, uma etholakale enecala axoshwe emsebenzini. Akulokhu kushoniswa ilanga, kubanjwa kuyekwa kungaziwa ukuthi kwenziwani. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[That goes with the misuse of sick leave days. Police do not use their sick leave days correctly. They do that on purpose. I don't know whether they do that because they are managed by their friends or maybe their sisters or whoever! Somebody said something to the effect that sometimes you find that a person who possesses only a std 8 certificate is given a higher position than a person who has tertiary qualifications. That is pure corruption.
Hon Chairperson, I grew up in the rural areas. If you do something wrong, you are charged, and if you are found guilty, you are dismissed from work. No time is wasted.]
We must be frank with each other, especially when we are dealing with the police. We cannot afford to have a corrupt person in the SAPS, no matter what and no matter who is dealing with what.
Uyabona-ke Mhlonishwa uma kukhulunywa ngabantu okuthiwa bayaqeqeshwa kodwa abakwazi ukuphatha izibhamu. Nhloboni yomuntu leyo? [Uhleko.] Bese kuthiwa bayageja abakwazi ukunemba. Umuntu adubule ayise eceleni - nhloboni yomuntu leyo? Wayekade engene kanjani lowo muntu ngoba kunezitebhisi okuhanjwa ngazo ngempela? Sikwenza kanjani lokho? Lokhu ukwehlisa isithunzi sobuphoyisa Mhlonishwa. Ngibuthanda kabi ubuphoyisa mina kodwa uma ngabe benza lento, hhayi impela sengizogcina ngingasabuthandi. [Uhleko.] Phela kwehlisa isithunzi sabo lokhu ngoba akufanele kwenzeke. Ngakho-ke laba bantu abenza lokhu abafanele bakwenze lokhu. [Kuphele isikhathi] [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[There are people who were trained but they cannot even hold their guns properly. What kind of a person is that? [Laughter.] And it is said, if they miss the target, that they cannot aim for the target. What kind of a person shoots away from the target? How did that person get there, because there are procedures that have to be followed? How do we allow that? This tarnishes the image of the police, hon Minister. I love policing, but if they go on like this, I will end up hating it. [Laughter.] This tarnishes their image; it is not supposed to happen. So, people who do this must stop. [Time expired.] [Applause.]]