Ngiyabonga Sihlalo, Mongameli wezwe, Nxamalala, njengoba kade kushiwo ukuthi uma omasipala beyizingxenye zalolu hlelo lokuthi babheke ngeso lokhozi - iyabonakala imiphumela futhi iba ngcono kulabo masipala. Ingabe lukhona yini uhlelo lokuthi uma abanye omasipala beba ngcono kuphinde kufakwe omunye umasipala ukuze sibone nangakithi ukuthi luyeza lolu hlelo, ingabe nathi sisemgqeni wokuthola le ntuthuko nalolu sizo? Ngiyabonga Sihlalo.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI: Ngiyabonga Sihlalo, impela lolu hlelo engikhuluma ngalo la, wuhlelo olwenziwe ezindaweni ezibonakele ukuthi zinezidingo kakhulu nalapho okwakukade kunezinhlelo ezingasenzeki khona. Intuthuko esiyenza kuzo zonke izindawo ngeke igcine kulezo zindawo kuphela, izodlulela phambili nakwezinye ezingomakhelwane. Ngakho-ke uma sekubonakele ukuthi kukhona okwenzekayo komakhelwane, omasipala abaseduze abangomakhelwane abathembe ngoba angeke sigcogcome, sigxume sishiye omunye umasipala ehluphekile siye komunye. Siyosuka komunye ngezinhlelo singenele komunye ngoba injongo ukuthi lonke izwe lakithi libe nentuthuko efanayo ikakhulu komasipala.
Yingakho bengithe ekuqaleni nalabo masipala okuthiwa abakwazi ukuzimela ngoba bengenalutho sizobe sibuka nakubona ukuthi kuhamba kanjani. Ngakho lunga elihloniphekile, alibekhona ithemba ukuthi uma ningomakhelwane balabo esikhuluma ngabo lokhu kuzofika nakinina. Phela isiZulu sithi, impandla ikhwela ngamanhlonhlo - izinwele aziveli ziqothuke zonke ngesikhathi esisodwa. Iyeza nakini intuthuko. [Uhleko.] Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D D GAMEDE: Thank you, Chairperson and President of the Republic, Nxamalala. As has been said, the municipalities should be part of this programme of monitoring, as the results are evident and there's improvement at these municipalities. Is there a programme in place that will ensure that another municipality is included if the other municipalities have improved, in order to see that this programme also comes to our area? Are we next in line to get this development and assistance? Thank you, Chairperson.