Ngiyabonga Somlomo, mhlonishwa Mongameli, imoto ihanjiswa egalaji ukuyoseviswa ngoba kukhona okubhedayo kuyona. Kukhona omakhenikha abakhanda imoto ngoba isuke ingalungile leyo moto. Ingabe impendulo yakho isho njalo yini; ukuthi into esiyenza la eNdlini kufanele iyobhekwa ngoba ayilungile - ukuthi idinga ukulungiswa. Usho njalo? [Uhleko.]
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI: Ngiyabonga Somlomo, into elingayishongo iLungu lePhalamende elihloniphekileyo wukuthi abafani abantu. Kukhona abahambisa imoto ukuthi iyoseviswa ngoba kukhona okonakele, kukhona abayihambisa kungakonakali lutho ngoba bafuna imoto yabo ihlale iqondile ithe ngqo.
Angisho ukuthi thina sithumela izinto ziyolungiswa ngoba sekukhona okonakele ngazo, cha, sizama ukwakha sakhisise isimo sokubuswa kwezwe ukuze libuseke ngendlela ephilayo. Njengoba siqhuba nje siwuhulumeni, mhlawumbe ongaphandle kukahulumeni akakuboni lokho. Kukhona izinto esibona ukuthi azihambi kahle, zifuna ukulungiswa. Kufana nomuntu onemoto, ongenayo imoto ngeke athi ayiseviswe le moto yakho, [Uhleko.] ngumshayeli oshayelayo othi manje ngiyoyisevisa manje. [Uhleko.] Injalo indaba, Gatsheni. [Ihlombe.] Siyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Mr Speaker. Hon President, a car is taken for a service when there is something wrong with it. There are mechanics who repair cars when they are broken. Is that what you are saying in your response; that what we are doing here in this House is not right, therefore, it needs to be reviewed, so that we can make it right. Is that what you are saying? [Laughter.]