Somlomo, neNdlu ehloniphekile, asiqale ngokuthi ngabe yini ngempela esikhuluma ngayo.
Uma sikhuluma ngokuthi uMongameli uyena ozokhomba ihhovisi elizimele, asikhulume ngokuthi unalo noma akanalo ilungelo lokumxosha nokumbheka ukuthi usebenza kanjani. Yilokho okufanele sikhulume ngakho. Konke lokhu okunye sikubeke eceleni, ngoba akusho lutho la kule ngxoxo esiyixoxayo.
Ngakho-ke, le ngxoxo esiyixoxayo iveza ngokusobala ukuthi kufanele ukuthi leli hhovisi libe khona. Sivumelana sonke lapha eNdlini, ngaphandle komuntu ogula ngekhanda ongathi akakuvumi lokho.
Okwesibili, sivumelana sonke la eNdlini ukuthi kufanele ukuthi kungabi nguNgqongqoshe kodwa kube umuntu ozomqasha, noma singaba nawo amandla noma ngabe asinawo amandla.
Thina la eNdlini sinelungelo - njengabantu abakhethwa ngabantu nanjengabantu abavumelana ngokuthi siyamxosha noma asimxoshi uMongameli - ukuthi sikwazi ukubheka ukuthi kwakhona lokhu akwenzile kuyiqiniso yini noma cha. Ngakho-ke, angazi ukuthi sixoxani manje. Ngiyathokoza Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker and this august House, let us begin by stating what it is that we are really talking about.
If we are talking about the President being the one who should choose the Ombudsman, let us talk about whether he or she has the right to monitor how that person works and to fire that person. We must put aside all the other issues because they are irrelevant in this discussion.
Therefore, this discussion we are engaged in clearly indicates that this office must be established. We are all in agreement in this House except for someone who is out of his mind, who would say he or she didn't agree with this.
Secondly, we are all in agreement in this House that it should not be the Minister, but someone that you are going to employ, whether we might or might not have the power.
We in this House, as the people who were elected by the people, have a right to agree whether to recall the President or not, so that we are able to verify if what he did is right or not. Therefore, I don't know what we are discussing now. Thank you, Speaker. [Applause.]]
Declarations of vote made on behalf of the Democratic Alliance, African National Congress, Congress of the People and Inkatha Freedom Party.
Motion agreed to (Democratic Alliance dissenting).
Bill accordingly passed.