Sihlalo neNdlu ehloniphekile, sifisa ukukhalela le Ndlu nokukhalela umndeni wakwaXolo ngokushiywa yiNkosi uXolo, ekwenze konke ngoxolo yaze yathembeka yahamba kahle ngoxolo. Inkosi yesizwe ephathe isizwe saseZingolweni ngoxolo, yafunda ukuba yinkosi endaweni yakwaNongoma eBhekuzulu College, yakwazi ukuphatha kahle abantu, yamela uhulumeni waKwaZulu omdala iqhamuka eZingolweni neNkosi uMachi osewadlula emhlabeni. Yaqokwa ukuba nguNgqongqoshe weZokuphatha koHulumeni waseKhaya nezemiGwaqo phansi kukahulumeni osuwaphela owawuholwa yiNkosi yakwaButhelezi.
Ukwakhiwa koxolo endaweni yaKwaXolo ngayo yonke indlela ayeyenza ngayo ngemuva kokuba eseshiselwe nomuzi wakhe. Iqhaza alibamba njengelungu leqembu le-IFP ngaphambilini, walibamba futhi uma elapha eNdlini eKomidini lokuHlunyeleliswa kweziMilo libe likhulu futhi lingelinganiswe. Ilale ngoxolo inkosi yesizwe, akwehlanga lungehlanga mndeni wakwaXolo. Enhlanganweni yakhe, uKhongolose, sithi labo abangamahlongandlebe sengathi bangafunda kahle ukuphatha ngoxolo [Uhleko.] bakwazi ukuba noxolo njengeNkosi uXolo.
Inkosi yayiphethe ngokuthula imamatheka ngaso sonke isikhathi kodwa ekushoyo ikusho kucace bha! INkosi iphile, iNkosi ithathile, sithi abakwaXolo balale ngenxeba, sekwehlile okungehlanga. Siyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson and this august House, we wish to convey our condolences to this House and the Xolo family on the passing of Chief Xolo, who did everything peacefully, was trustworthy and passed on peacefully. He ruled the people of eZingolweni peacefully. He studied to be a chief at Bhekuzulu College in Nongoma and managed to rule the people properly. He came from eZingolweni and represented the former KwaZulu government, together with the late Chief Machi. He was appointed as the minister of transport; homeland affairs and road affairs under the previous KwaZulu government, which was led by Chief Minister Buthelezi.
Initiatives to bring about peace in KwaXolo continued despite his home having been torched. The role he played before, when he was a member of the IFP, and the role he played again here in this House in the Portfolio Committee on Correctional Services was great and incomparable. May the chief rest in peace. To the bereaved Xolo family, we say let us accept that God has given and that God has taken. To his party, the ANC, we say to all those who are ill disciplined that they should learn how to lead peacefully ... [Laughter.] ... and how to be peaceful like Chief Xolo.
The Chief ruled peacefully and was always smiling, but what he said was always clear! God has given; God has taken. To the bereaved Xolo family, may you find it in your hearts to accept what has befallen you as fate. Thank you. [Applause.]]