Sekela likaMongameli esikhungweni soKuhlunyuleliswa Kwezimilo iTswelepele eKimberley, kwakuhlelelwe ukusetshenziswa izimali eyizigidi ezingamakhulu amabili zamarandi okwathi uma siqedwa leyo mali yase inyuke yayo fika emalini engaphezulu kwezigidi ezingamakhulu ayisishiyagalombili. Into efanayo yenzeka nasesikhungweni soKuhlunyuleliswa Kwezimilo i-South Interior Recreational Equine Centre, Sirec. Umbuzo wami Sekela likaMongameli uthi: Wenzani uhulumeni ukuqinisekisa ukuthi ukwenyuka okungaka kwemali okusuke kuhleliwe kuyavinjelwa noma okungenani kuyancishiswa? Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Ms W NGWENYA: Deputy President, the amount budgeted for the construction of the Tswelepele Correctional Centre in Kimberley was R200 million, but upon its completion that amount had escalated to an amount of R800 million. A similar thing happened at the South Interior Recreational Equine Centre, Sirec. My question, Deputy President, is: What is the government doing to ensure that such an escalation of costs that had not been budgeted for is circumvented or alternatively reduced? Thank you.]