Sekela likaSomlomo, Nyambose, ngiyabonga ngempendulo ethe xaxa. Esengicela ukukwazi ukuthi kuyokwenziwa njani ngalabo abanyuselwe izikhundla ngendlela engafanele? Ngabe bayokwehliswa ezikhundleni noma bayoxoshwa, noma-ke kuyoxoshwa labo ababanyusele ezikhundleni bengafanelekile? Yilokho nje kuphela esengifisa ukukwazi ngoba impendulo yakho isingisizile kakhulu. Ngiyathokoza.
UNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA: Lungu elihloniphekile, lolu udaba oluyofakwelwa izibuko, lucutshungulwe ngoba kufanele sikhumbule ukuthi sizobe silungisa okonakele. Laba 'bantu abanyuselwe ezikhundleni abazinyusanga, kepha banyuswe yilo mqulu esiwulungisayo.
Okusho ukuthi ngenye indlela, ngeke sikwazi ukuthi uma umuntu esenyuselwe esikhundleni, kungeyena ozinyusile bese simehlisa. Ngoba unyuselwe esikhundleni nje kungexa yalo mqulu obavumelayo. Yiwo lo engithi awushitshwe, uhambisane nesimo ukuze abantu okufanele banyuselwe ezikhundleni banyuswe. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Deputy Speaker, Nyambose, thank you for the detailed response. I would like to find out what is going to happen to those who were wrongly promoted. Will they be demoted or fired; or will those who wrongly promoted them be fired? That's all I would like to know since your response assisted me a lot. Thank you.