Deputy Speaker, hon members ...
... njalo nje uma kudlula emhlabeni umuntu osemncane njengo mhlonishwa uMagazi, thina benkolo yobuKhrestu ikakhulukazi thina amaRoma, siye sizibuze ukuthi empeleni yini eyayenza uJesu ukuthi angawavusi amakhehla nezalukazi ekufeni, kodwa avuse izintombi nezinsizwa ezingangathi nje. [Uhleko.]
Impendulo yalokho sithola ukuthi, ebuhlakanini bakhe uJesu wayevusa izinsizwa nezintombi ngoba ebona ukuthi kuningi okusalindelwe kulaba abasha ukuthi bakwenze emphakathini. Ngineqiniso, Somlomo, ukuthi ukuba umhlonishwa uMagazi waphila ngalesi sikhathi uJesu evusa abafileyo, wayezoba ngomunye wabantu ayezobavusa, ngoba kuningi ebesisakulindele kuyena umhlonishwa.
Sizobhonga emswaneni njengeqembu lenkululeko yesizwe sibuqonda kahle ubuhlungu obuzwiwa umndeni wakhe kanye nenhlangano yakhe ye-ANC ngokudlula kwakhe emhlabeni. Ngisho mina uqobo ngiyabuzwa lobu buhlungu. Sengathi sengiyambona umhlonishwa, mina uma engibingelela wayengasho ukuthi sawubona Mpontshane, kwakuthi uma ngihlangana naye bese emamatheka ethi: Sawubona mhloli wami, nami bese ngivumela phezulu.
Sotswebhu omkhulu, siyi-ANC, ngokwenkolo yethu yesintu, siyakholwa thina ukuthi umuntu akashoni, uyaphila. Ngakho-ke, siyakholelwa ukuthi umhlonishwa uMagazi lapho ekhona uyaphila, uyasizwa. Ngalesi sizathu, uma sengibhekisa kwinhlangano yakho uKhongolose, siyawunxusa umphefumulo wakhe ukuthi lapho usuhlanganile nabafileyo kodwa esikholwa ukuthi bayaphila bakaKhongolose, ikakhulukazi oMongameli bonke bakaKhongolose kuqala kuDkt uLangalibalele, uMafukuzela onjengempisi, kuze kufike kuBaba u-O R Tambo, ukuthi akhulume nabo banxusele le nhlangano yabo ukuba isimame. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... every time a young person like hon Magazi passes on, we Christians, especially us Roman Catholics, ask ourselves what really made Jesus to not raise the old men and women from the dead, but rather to raise young maidens and young lads who are of my age? [Laughter.]
We find that the answer to that is that Jesus in his wisdom realised that the young lads and the young maidens still had so much to do in their communities. I am certain, hon Speaker, that if hon Magazi had lived in those times when Jesus was raising people from the dead, she would have been one of the people raised from the dead, because there is so much that we were still expecting from her. We are here as the Inkatha Freedom Party to convey our condolences as we understand very well the pain her family and her organisation the ANC are feeling. I personally feel this pain too. It is as if I am seeing the hon member - when greeting me she did not say greetings, Mpontshane, but used to smile and say greetings, my inspector, and I would gladly respond.
Chief Whip, as the ANC, and according to our indigenous religion, we believe that a human being does not die, but rather that they live on. Therefore, we believe that hon Magazi is living on where she is, and that she can hear us. For that reason, when addressing the ANC, your organisation, we are pleading with your soul that when it meets with the leaders of the ANC who passed on before you, but whom we believe are living on, especially all the ANC Presidents starting from Dr Langalibalele Dube, Mafukuzela onjengempisi [praise name], to Mr O R Tambo, that it speaks to them to pray for their organisation to be stable.]
May her spirit help the organisation to revive those hallowed values of the struggle on which the ANC was founded, values such as unity and co- operation.
Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngoxolo futhi uphumule ngokuthula. [May her soul rest in peace.]
O robale ka kgotso. Ke a leboha. [Mahofi.] [May your soul rest in peace. Thank you. [Applause.]]