Ngiyabonga kakhulu ngezimpendulo eziphendulwe nguSekela Ngqongqoshe, kodwa ngiyacabanga ukuthi,futhi uma ngibheka uNgqongqoshe ufuna ukucasha ngesithupha uma ezokhuluma ngezindaba zezohwebo nezimboni.
Thina umbuzo esinawo futhi esibheke kuwo ukuthi phansi abantu impilo yabo incike kulezi zinkampani esisebenza ngokubambisana. Ngicabanga ukuthi uMnyango Wezezindlu yiwona Mnyango oqondileyo okufanele ukuthi wakhe lezi zinkampani ezisebenza ngokubambisana. Okwesibili, uma ekhuluma nge-SHRA nangokuthuthukiswa kwemihlahlandlela, umbuzo enginayo ukuthi izohanjiswa nini futhi izophela nini lemihlahlandlela. Nizokwenza kanjani ukuthi niyilethe masishane eMnyangweni Wezindawo Zokuhlaliswa Kwabantu ukuze sikwazi ukuzibheka ukuthi zinceda kanjani abantu ngoba kufanele kusizakale abantu lapha. Ngiyathokoza. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr K P SITHOLE: Thank you for the responses given, Deputy Minister, but I think that the Minister wants to hide behind a finger if she would talk trade and industry matters.
The question we have and are focusing on is that people's lives on the ground are dependent on the co-operatives. I think that the Department of Human Settlements is the appropriate department for establishing these co- operatives. Secondly, if she talks about the SHRA and the development of guidelines, the question I have is: When will these guidelines be delivered and when will they be completed? How quick will you be able to bring them to the Department of Human Settlements in order for us to see if they are in a position to assist the people since it is the people who must be assisted here? Thank you.]