Ngibonga kakhulu kumhlonishwa uNgqongqoshe ngempendulo yakhe ecacile. Kuyiqiniso ukuthi kunabantu nezimboni ezisebenzisa amanzi ngezindlela ezingekho emthethweni, yize benawo amalayisensi. Ngemuva kokuba uMnyango ususungule i-Compliance Monitoring and Enforcement, phecelezi i- CME Directorate, bangaki abantu noma izimboni esezibekwe amacala ngalesi senzo sokwephula umthetho. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Ms P BHENGU: Thank you to the Minister for her clear response. It is true that there are individuals and industries that are using water illegally, even though they have licences. How many individuals and industries have been charged for breaking the law since the department has established the Compliance Monitoring and Enforcement Directorate? Thank you.]