Chair, that member's political career is so short that even if he had to kick a duck on the backside, he would have to stand on a brick. [Laughter.]
The UN Decade of Action was launched worldwide on 11 May this year by the Minister and we are very proud that our Minister was made the champion for that campaign. The singular purpose of this campaign ... [Time expired.] [Applause.]
UMntwana M M M ZULU: Sihlalo, mhlonishwa Ngqongqoshe namalungu ahloniphekile ale Ndlu, sithi ayikho neyodwa imfihlo yokuthi ngonyaka odlule eNingizimu Afrika sibone izinguquko eziningi embonini yezokuthutha ngesikhathi sendebe yomhlaba. Lapho kwakwakhiwa khona izikhumulo zezindiza kwavuselelwa nemigwaqo yethu ngokunjalo kube yimigwaqo ehlelekile umasihamba ngesivinini esingaphezulu kwe-120 esisemthethweni.
Kukhona okuye kungithinte emoyeni wami ngendlela abantu bakithi abaphatheka ngayo kwezokuthutha zomphakathi ikakhulukazi embonini yamatekisi. Ngiyazi Manzankosi ukuthi izinkabi lezi ezazibulalana wazama ukuthi uzinqobe ngamajele zonke ziwuyeke lowo mqondo. Kodwa indlela nje abantu bakithi abaphathwa ngayo kuleziya zinqola zomphakathi ngicela ukuthi uhulumeni abuye afake amehlo okubheka ukuthi leya ndlela isetshenzwa kanjani.
Ngiyazi ukuthi kusenhliziyweni yakho lezi zingozi ezisanda kwenzeka kungakafiki amaholide kaKhisimuzi waze wasikaza khona ukuthi izimoto esihamba ngazo kufuneka sehlise ijubane. Ngiyasho mhlonishwa Ngqongqoshe ukuthi lezi zingozi zibangelwa ngamaloli kanye nezimoto ezithwala umphakathi ngendlela ezigijima ngayo zijahe imali. Izindlela noma imithetho angazi ukuthi ingaqiniswa kanjani noma uma amaphoyisa engasatshalaliswa imigwaqo yonke yethu ukuze azobhekana nalezi zigelekeqe ezibulala abantu.
Ngiyazi ukuthi wawuphethe umklamo othi sibambene. Kwakungumklamo namanje engicabanga ukuthi usebenza kahle kakhulu ukusiza abantu abangenayo imisebenzi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Siyaye sibabone begundagunda utshani wumsebenzi uhulumeni esingasho ukuthi uyakha ngendlela izinto ezihlela ngakhona - ngingasasho yena uSenzangakhona. Noma kanjani ngeke sakwazi ukuhlala singakusekeli futhi singasekeli uhulumeni wethu ukuba abe nomthetho ebambekayo nengakwazi ukuthi inqande ukufa kwabantu.
Njengoba kunguKhisimuzi umuntu uyaye ahambe engazi ukuthi uyofika yini ekhaya ngoba uhlale enethemba ukuthi uzofika endaweni ethile angasafinyeleli ngenxa yabantu abashayela kabi emgwaqweni. Nathi uqobo uma sesidakiwe sibanga izinkinga njengabantu abaphilayo. Isidalwa esingumuntu kufuneka sivalelwe ejele. Ngibongela iNtshonalanga Kapa nezinye izifundazwe njengoba uzakwethu osephumile eshilo ukuthi bayabopha, alufakwa ngendlela okwenzeka ngayo. Lezi zibalo obukade uzikhipha lapha yizibalo ezemukelekile kakhulu emphakathini ozimisele ngokunciphisa izingozi. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson, hon Minister and hon members of this House, we cannot deny the fact that last year we saw a lot of changes in the transport industry during the hosting of the World Cup. Airports were built and roads were reconstructed to make them suitable for driving at an official speed limit of 120 km per hour.
There is something that always disturbs me with regard to the way our people are being treated in the public transport sector, especially in the taxi industry. I know, Manzankosi, that you tried to eliminate the hitmen by incarcerating them and stopping this habit. But the way our people are being treated when they make use of the taxis should be closely looked at to see if they are operating in a proper manner.
I know that you have been disturbed by recent accidents as we head towards the Christmas holidays and you even thought of reducing our vehicles' speed limit. Accidents are caused by trucks and taxis that drive at high speed as they rush in order to make more money. I am not sure how the laws and measures could be enforced; or how officers could be deployed to many posts on the road to deal with these criminals who kill our people.
I know that your approach was that we must work together. This is still a useful approach, I think, as it assists the unemployed people in the rural areas. We often see these people cutting grass. This is a project which we might say is of benefit in the way it is organised - not that I am referring to Senzangakhona. Indeed we cannot just fold our arms and not support you and our government in your effort to have concrete laws which will stop the carnage.
As it is now the Christmas period one drives being uncertain of whether one will reach home because of the reckless drivers on the roads. Even we ourselves always cause problems when we are drunk. Anyone caught driving while intoxicated should be kept in prison. I congratulate the Western Cape and the other provinces, as my colleague who spoke before me mentioned that they don't think twice about arresting law breakers. The statistics that you presented here are acceptable to a society that is aiming at reducing accidents. Thank you. [Applause.]]