Ngiyabonga, Ngqongqoshe, kuyajabulisa impela uma ufika esibhedlela e-1 Military uyabona impela ukuthi uma ungena ngamasango aso uyaphola ngendlela esisihle ngayo. Nempendulo yakho iyajabulisa, Ngqongqoshe, noma-nje sewubeka enye ingqinamba le esizoyifeza thina singamalungu eqembu elifundisanayo nekomidi lezokuvikela. Umbuzo olandelayo yilona othi uma sithatha imali le obufuna ukwenza izinto ezithile ngayo bese uzama ukuqedelela umsebenzi osele ngabe akuzukuba yinkinga lokho na? Futhi, akuzukukubangela yini ezinye ezinkinga ngokohlelo lwezimali na? Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mr A M MAZIYA: Thank you, hon Minister. It is very satisfying to enter the gates of 1 Military Hospital because you are really instantly healed because of its beauty. And your response is also satisfactory, hon Minister, although you have tabled another challenge that we are going to tackle as the members of the education team and the committee on defence. The follow-up question is: If you use the funds that were meant for other things to finish this project, wouldn't that be a problem? And wouldn't this cause other problems as far as the financial programme is concerned? Thank you.]