Ngiyabonga, Somlomo. Mhlonishwa Mongameli, kukhona umbuzo engiwubuze ngaphambili lapho uthe ngiyampumputha. [Uhleko.] Kulona-ke angimpumputhi Mongameli, sikhuluma ngomuntu ogama lakhe libhaliwe phansi.
Umhlonishwa uMongameli uthi uzolinda uMvikeli woMphakathi. Amazwi afundwe umhlonishwa oyiLungu lePhalamende athi wathi lento ibucayi kakhulu ifanele ukuthathelwa izinyathelo masinyane. Okokuqala, umasinyane usho ukuthini Mongameli? Okwesibili, kuyoze kube nini Mongameli kukhona abantu abangawuhloniphi umthetho wabo walapha eNdlini obekelwe ukuhlonishwa ngamalungu alapha eNdlini ekubeni bangamalungu futhi eKhabhinethi yakho Mongameli. Kufanele kwenziwe njani ngabo kanti?
UMONGAMELI WEZWE LASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, ngiyalibonga ithuba, lungu elihloniphekile, ngiyakuzwa manje awumpumputhi manje ngoba ngempela likhona igama. Kodwa-ke, njengoba elinye ilungu elihloniphekile licaphunile emazwini engawasho, nangempela nginele ngezwa nje ukuthi amaphephandaba athi kukhona izinto ezenziwa yilo mhlonishwa, angipholisanga maseko, ngambuza ngenza lento ebikade icashunywa yilowo mnumzane.
Ngambuza, ngathi nanka amaphephandaba ekhuluma, uthini ndoda na? Waphendula, kuthe ngaleso sikhathi sengithathe izinyathelo, wabe esethi uMvikeli woMphakathi usethathe izinyathelo zokuluphenya lolu daba.
Ngithe-ke mhlonishwa, angikwazi ukuthi uma uMvikeli woMphakathi esethathe izinyathelo zokuphenya ngiqhubeka nami. Kufanele ngilinde yena aqede, aphethe imbenge ngophenyo lwakhe, alethe umbiko kimina bese ngiyawubheka lowo mbiko ngithathe isinqumo. Ngeke ngipholise maseko nangaleso sikhathi. Mhlonishwa Somlomo, ngiyakuphinda lokhu engakusho. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Speaker. Hon President, there is a question that I asked previously and you said I was speculating. [Laughter.] I am not speculating now when I ask this question, hon President - we are talking about a person whose name is in black and white.
The hon President is saying he is going to wait for the Public Protector. The words read by the Member of Parliament indicate that you said this is very critical and that it needs to be attended to urgently. Firstly, what does urgently mean, Mr President? Secondly, for how long should we always have people who do not respect the Rules of this House which have been set for the members of this House to abide by; and they are the members of your Cabinet, Mr President. What is it that needs to be done about them?