Sekela likaNgqongqoshe, ngivumelana nawe uma uthi umthetho okhona okwamanje uyavumelana nokuthi omasipala akube yibo abathatha izinqumo zokuthi abaphathi bomasipala kufanele bahole malini.
Mhlonishwa, ngabe uyavumelana nami ukuthi njengombuso osathuthuka ake sinike le mithetho ekhona ithuba lokuthi siyibone ukuthi isebenza kanjani, singajahi ukuholela abaphathi bomasipala imiholo elinganayo kanti izimo abasebenza ngaphansi kwazo azifani.
Ngokombuzo kamhlonishwa uBotha kungathatha isikhathi esingakanani ukuze sibe nosichibiyelo somthetho wokuthi abaphathi bomasipala bahole amaholo alinganayo ngokusebenza kahle kwabo? (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms D G NHLENGETHWA: Deputy Minister, I agree with you when you say that the current laws make allowance for the municipalities to make decisions on how much municipal managers should be paid.
Hon member, you should be agreeing with me because as a developing state we must give these laws a chance to see how they work - we should not jump into paying the municipal managers the same salaries because the conditions they work under are not the same.
With regard to hon Botha's question, it can take time to amend the law that says municipal managers must be paid according to their good performance.]