Phini likaSihlalo wale Ndlu, amalungu ahloniphekile, umhlonishwa uNgqongqoshe [Deputy Chairperson of this House, hon members, hon Minister], the main task of this department is to organise and administrate the Public Service in our country.
Ngiyazi ukuthi injongo ngqangi yalo Mnyango wukuhlela nokwengamela izinsiza eziya kubantu baleli lizwe lethu. Kodwa-ke kunezinto ezithile engizibukayo, njengokuthi uma silokhu sinabantu abakhalaza ngosizo lwasemphakathini kuze kulahleke nemiphefumulo yabantu abangenacala ngoba nje bengalutholi usizo ngendlela abasuke befisa ngayo.
Ngiyaqonda ukuthi unikezwe uMthethosisekelo waleli lizwe ukuze kube nguwe olusa zonke izinhlaka zikahulumeni. UMnyango wakho ake usebenzisane kakhulu nohulumeni basekhaya uma kuqokwa abantu abazosebenza eMinyangweni ethile. Akusiwo amakhansela ahluleka ukuletha izinsiza emphakathini. Uma kungaqashwa mina, njengoZulu, ngineziqu ze-BA kwi-Accounting, ngiqashwe njengeMenenja yakwamasipala; uyabona ukuthi izibalo nobumenenja yizinto ezimbili ezahlukene okungaholela ekutheni abantu bakithi bangakutholi ukusizakala.
Uma usebenza eduze kwabo ukwazi ukubhekisisa ukuthi lawaya mandla anikezwa lowa mkhandlu ukuze iziqashele - kufanele phela uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ubheke ukuthi iziqu umuntu anazo ziyahambisana yini nendawo umuntu aqashwe kuyo, ngoba kuyenzeka ukuthi kuvele kuqashwe indoda noma inkosikazi yimbe nje ibe ingeke ikwazi ukwenza lowo msebenzi.
Ngiyazi ukuthi lo Mnyango usunabo manje abantu okufanele baqaphele ukuphathwa budedengu bezimali zikahulumeni kodwa okubuye kungikhathaze yilesiya sibalo esikhulu sabantu - noma lezo zimenenja ezinkulu - abehlulekayo ukuhambisana nophenyo olusuke lwenziwa njengokuthi umuntu amiswe emsebenzini kodwa abe ehola. Ukuqondiswa kwezigwegwe kuye kungacaci ukuthi kubheke kuphi. Kungumsebenzi osemahlombe akho njengendodana yaleli lizwe ukuthi ubhekisise izinto ezinjengalezo ukuthi ziqhutshwa ngohlelo.
Njenge-IFP, siyaleseka leli Voti leSabiwomali nanokuthi sazi kahle kamhlophe ukuthi uMnyango wakho yiwona obaluleke kunayo yonke eminye iMinyango kahulumeni ekubhekeleleni ukuthi izakhamuzi zaleli lizwe ziyakuthola yini ukusizakala. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The main objective of this department is to organise service delivery for the public of our country and be responsible for the administration thereof. However, there are a few noticeable things, such as the constant complaints about the lack of service delivery that lead to the loss of innocent lives.
I understand that the Minister is mandated by the Constitution of this country to lead all the spheres of government. The department must work closely with local government in appointing people who will be working for the particular departments. It is not the councillors who fail to deliver services to the public. Let us say I, as Mr Zulu, with a BA degree in Accounting, was to be employed as the municipal manager. Accounting and management are two different things, which could be the reason why people do not get help.
If you are working closer with them you can see that the powers are given to the council to employ people on their own - the Department of Public Works must ensure that the qualifications candidates have are relevant to the positions people are employed for, because sometimes you find that they employ a certain man or woman who cannot perform in that position.
This department now has people who must monitor the mismanagement of state funds. However, what worries me the most is the high number of people - or those managers at the top - who fail to comply with the investigation that is being conducted, like a person who still gets paid during his or her suspension period. The disciplinary hearings do not take a clear stand. It is your responsibility to ensure that such things follow proper procedures.
The IFP supports this Budget Vote and we acknowledge the importance of your department above all other government departments in ensuring that the people of this country are helped. I thank you.]