Sihlalo, amaLungu ePhalamende nezihambeli zethu, abesifazane kanye nentsha bawumkhakha obaluleke kakhulu kubantu bethu. Bangadlala indima ebalulekile ekuzuzeni inthuthuko ezindaweni zasemakhaya esezingeni eliphezulu ikakhulukazi ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika kwezombangazwe,kwezenhlalakahle nakwezomnotho.
Uhlelo lokuthuthukisa izindawo zasemakhaya nokubuyiswa komhlaba kuwumkhakha obalulekile kakhulu. Lokhu kuguqula ukungalingani kwezenhlalakahle nakwezomnotho uhlelo olukhulu lokuthuthukisa izindawo zabasemakhaya, phecelezi, Comprehensive Rural Development Programme, CRDP. Luyinqola iNingizimu Afrika engazuza ngayo ukuthuthukisa okusezingeni eliphezulu, ikakhulukazi uma ingaqondiswa kwabesifazane kanye nentsha okuyibona abaningi abahlala ezindaweni zasemakhaya.
Ngokulandela izinqumo zenkomfa kazwelonke kaKhongolose eyayibanjwe ePolokwane, kwavunyelwana ngokuthi:
Ukulingana ngokobulili kufanele kube ngumgudu futhi kube nemiphumela ebalulekile kuzo zonke izinhlelo zokuthuthukisa ezasemakhaya, ezokubuyiswa komhlaba kanye nezinguquko zolimo.
Izinhlelo ezibhekelela abesifazane ziqinisekisa futhi zivikela inkululeko namalungelo wabantu besifazane basezindaweni zasemakhaya, ikakhulukazi abasebenza emapulazini. Zibaluleke kakhulu izinhlelo ezinjalo.
Kufanele sizame ukulwa nokuqeda nanoma yiluphi uhlobo lokubandlululwa kwabesifazane kanye nokuqinisekisa futhi ngokulingana kuzo zonke izinsiza. Ngaleyo ndlela sizobe siphakamisela phezulu yonke imigomo yoMthethosisekelo wethu.
Ukusetshenziswa kwe-CRDP endaweni yasePolokwane eMuyexe naseRiemvasmaak eNtshonalanga Kapa, kuyisibonelo esenzele lula abesifazane basezindaweni zasemakhaya ukuba bathole izinsiza. Uhlelo lokwakha kabusha amapulazi olwaziwa ngokuthi, phecelezi, Recapitalisation and Development, uhlelo oluphakamiswe uMnyango luzozuza imiphumela uma lubhekiswe kwabesifazane.
Kuyamukeleka ukuthi uMnyango uhlela ukwethula i-CRDP emawadini asemapulazini ayi-180. kuyithemba kubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ukuthi abakade balindele uhulumeni wethu abasombulele izinkinga zokubuyiswa kwemihlaba njengabaceli bomhlaba baseBabanango KwaZulu-Natali, yibona abazozuza kulezi zinhlelo ezinhle.
Ucwaningo luveze ukuthi inqubomgomo yokuthuthukisa abesifazane kumele ibeke phezulu lokhu okulandelayo: okokuqala, ukuqedwa kobandlululo kwabesifazane; okwesibili, ubuchwepheshe nokunikezela ngezinsiza kwabesifazane; okwesithathu, ukusebenza ngokubamba iqhaza kwabesifazane ngendlela elula enenzuzo emisebenzini yezimakethe. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms P P XABA: Chairperson, Members of Parliament and our guests, women and the youth are an important group of people. They can play an important role in attaining a high level of development in the rural areas, especially in developing South Africa politically, socially and economically.
The Rural Development and Land Restitution Programme is a very important programme. Through the Comprehensive Rural Development Programme, socioeconomic inequality is being addressed. It is a vehicle through which South Africa can gain a high level of development, especially if it is focused on women and the youth who are a majority of the people living in the rural areas.
If we follow the resolutions of the ANC National Conference held in Polokwane, it was resolved that:
Gender equality should be a policy and there must be important results in all programmes to develop rural areas, land restitution and agricultural reforms.
Programmes aimed at assisting women ensure and protect the freedom and rights of women in the rural areas, especially those who are working on the farms. Such programmes are very important.
We should try to eradicate any form of discrimination against women and ensure equality in the distribution of services. In that way we would be able to achieve all the objectives as set out in our Constitution.
The implementation of the CRDP in Polokwane in the area of Muyexe and in the area of Riemvasmaak in the Western Cape is an example which has helped women in the rural areas to get services. The Recapitalisation and Development Programme, a farm renewal programme initiated by the department, will be fruitful if it is aimed at the upliftment of women.
It is acceptable that the department aims to launch this CRDP in the 180 rural wards. It is a hope to many people in the rural areas who have been waiting for the government to assist them with land restitution, like the people of Babanango in KwaZulu-Natal, who will be the ones to benefit from these good programmes.
Research has shown that the policy of women development has to prioritise on the following: firstly, the eradication of discrimination against women; secondly, technology and service delivery to women; thirdly, women labour and participation in a manner easy and profitable in markets.]
One of the critical elements of the Comprehensive Rural Development Programme, CRDP, is its National Rural Youth Service Corps, Narysec, programme. The department plans to create 5 000 jobs for the youth. This initiative is a major contribution because of its focus on skills development. Effective implementation of this programme will lead to the utilisation of the youth segment of the population to attain nation- building, national development and national integration, and to addressing the problem of rising unemployment and limited opportunities for young people in rural areas.
Sikusho ngokugcwele futhi singesabi ukuthi siyabonga uhulumeni oholwa nguKhongolose ngemisebenzi eyenzela omame basemakhaya [Ihlombe.] siphinde sisho ukuthi labo okuthi njalo uma siletha inthuthuko kubantu bona baqhamuke ngokuyigxibha nokuyigxabhashiya. Sithi kubo kusekude lakuyiwa khona, kuseduze engxilibeni. Ngakho-ke bona abazame ukwenza okwabo ngaphandle kokugxeka imisebenzi eyenziwa nguKhongolose kubantu bakithi.
Namhlanje, ngiyakhathazeka uma umhlonishwa uMazibuko ekhuluma ngeminyaka eyi-15 umntwana wami, ngoba mncane. Thina sisuka emakhulwini ngamakhulu yeminyaka sicindezelwe emakhaya singazi lutho ... [Ubuwelewele.]
Iminyaka eyi-15 yincane kabi mntwanami ... [Ubuwelewele.] ... amakhulu ngamakhulu[Ihlombe.] [Uhleko.]. Ngakho-ke ngithi siwuKhongolose asinamona futhi asinanzondo kepha siyayidumisa i-ANC ngemisebenzi eyenzela abantu basemakhaya. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[We say without shame that we are grateful to the government led by the ANC for what it does for women in the rural areas. [Applause.] Again we say to those who always criticise and destabilise when we bring development to the people, there is still a long way to go. Therefore they must try to go about their business without criticising the services delivered to our people by the ANC.
Today, I am disturbed when hon Mazibuko speaks about 15 years, because she is still young. We come from hundreds and hundreds of years of oppression in the rural areas and not knowing ... [Interjections.]
Fifteen years is too little, my child ... [Interjections] ... hundreds and hundreds [Applause.] [Laughter.] Therefore I say as the ANC we are neither jealous nor hateful, but we praise the ANC for the services it renders to the people in the rural areas.]
The ANC supports the budget of Rural Development and Land Reform. Thank you, Chairperson. [Applause.]