Sihlalo, Ngqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Zomhlaba nePhini lakhe, abahlonishwa abakhona kanye namaLungu ePhalamende akhona namhlanje, namhlanje kusele izinsuku eziyisishiyagalolunye ukuba sifike esigigabeni esikhulu esaguqula umlando waleli lizwe nentsha yakithi, uJuni 16.
Lo Mnyango wakho mhlonishwa wawungekho eminyakeni eyishumi nanhlanu eyedlule kodwa ngomonakalo okhona owadalwa yisimo sobandlululo wanqamula kabi ukuphathwa kwabantu baleli lizwe, kwakhona abasezindaweni ezisemadolobheni nabasezindaweni ezisemakhaya, umisiwe ukuba ulungise lowo monakalo omkhulu kakhulu.
Njengoba ngilapha ngizophawula kabanzi ngezindawo lezi zasemakhaya ezazingama-13% okwakuthiwa abantu abamnyama abaphile kuzona bese kuthi-ke wonke umhlaba kuphile labo ababephethe umbuso. Umhlaba wasemakhaya yilowo owawenganyelwe amakhosi ayehleli nabantu bawo ababebalelwa kuma-43%, ababecindezelwe benganikeziwe amathuba okuthi baqhubekele phambili baziphilise, kodwa benza ngamandla abo onke ukuba bakwazi ukuphila kulowo mhlaba ongama-13%. Njengo-ANC siyaseseka lesi Sabiwomali ngoba abantu bamjubile u-ANC ukuba abenzele lokhu abakufunayo. Nakulolu khetho esiphuma kulo bebesaqinisa khona ukuthi u-ANC uyazazi izidingo zabantu ngakho-ke akaqhubeke asebenze. Babekuqonda kahle abantu bakithi ukuthi umhlaba uyifa abangaphila ngalo, babengazange bathembele kwabanye abantu abaseceleni.
Umhlabathi ababekhiqiza kuwo ukudla babeziphilisa ngawo kuze kuthi uma kukhona izinsalela banikeze umuntu oseceleni akwazi ukuziphilisa naye. Abazange baphile ngaphansi kwesandla somhombolo sokuthi bacebe kodwa bonke abantu baphile ndawonye.
Inkosi nomkhandlu wayo yayinamandla negunya lokuthi iyithathe leyo nsimu eke yalale yangasetshenzwa kwaze kwaphela iminyaka emithathu iyinikeze umuntu ongaba namandla okuyisebenzisa akhiqize ukudla okungaphilisa yena nabanye abantu abakhona.
Abantu basemakhaya bayasidinga iSabiwomali ukuba kuvuselelwe lo mhlabathi ongama-13% ngoba njengoba manje sesikhuluma ngeSabiwomali sokuba kubuyiswe umhlabathi owaphucwa abantu bakithi ukuba uyovuselwa usetshenzwe ngoba kwakuwumhlabathi owawumuhle ukwazi ukukhiqiza uphilise abantu bakithi.
Izindawo zasemakhaya zinabantu abaningi besifazane nentsha. Intsha iyona ewungogodla waleli lizwe. Ikusasa lethu uma singekwazi ukuba silibeke lapha etsheni yethu kusho ukuthi alikho ikusasa laleli lizwe.
Ngakho-ke, ithemba lonke lisentsheni, kufanele ukuba zonke izinhlelo esizenzayo sibheke intsha yethu ehlezi laphaya emakhaya. Intsha yasemakhaya iyafunda iphase umatikuletsheni ngezinkulungwane, bese iqala ufuduko olukhulu lokuba iyofuna amadlelo aluhlaza emadolobheni.
Lokhu kusidalela enkulu inkinga nengcindezi kuhulumeni ukuthi laba bantu uma beza kanjena ngapha, ngempela akwenzi yini ukuba kugcine kunezinkinga ezinkulu kuqaleke imijondolo esingeke sazi ukuthi ingaqedwa kanjani. Bese bethi abaphikisana nathi njenge-ANC, iziteleka ezikhona zidalwa ukuthi uhulumeni uyahluleka ukuletha izidingo kubantu.
Kodwa uma unaka, iqiniso ukuthi la bantu abasuka emakhaya bayasetshenziswa uma sebefike lapha, kuthathwe lelo thuba kwenziwe lowo monakalo ngabo, bese kuba sengathi uhulumeni akazilethi izidingo, kanti kufanele ngabe sibavalele khona emuva bathuthukise lapho bekhona ngoba umhlabathi ukhona singaphila kuwona.
UMnyango wakho mhlonishwa ubhekene nenselele enkulu yokuthuthukisa abantu ezindaweni zasemakhaya. Abantu abaningi baphila ngaphansi kobubha obukhulu obesabekayo, ikakhulukazi abantu besifazane nentsha. Uyabona uma ungena laphaya emakhaya uyathuka uma ufica ugogo omdala kunguyena yedwa ohola impesheni. Bese eba nezingane eziyishumi nantathu ezingenazo izitifiketi zokuzalwa ezishiywe ngonina nabo bengenazo izitifiketi zokuzalwa abahambile bayosebenza emapulazini babuya bazozilahla lapha. Balahliwe laba bantu bahleli endlini yodonga.
U-ANC uyakwazi lokho kodwa abanye bangelwazi lolu sizi olunjengalolu ukuthi kukhona izinto ezinjalo emakhaya ezidinga ukuthi uhulumeni ka-ANC azilungise.
Uhlelo lwezolimo kungakuhle ukuthi luqale lufundiswe ezikoleni ngoma uma singakhuluma ukuthi kuze kube namhlanje akukho ukuvuselelwa komhlabathi ngeke sikwazi ukuthi siye phambili. Kodwa uma singaqala ukuthi kubekhona ukubambisana komnyango wakho noMnyango Wezemfundo kube khona uhlelo lwezolimo, kufanele luqale luyofundiswa phansi ezikoleni ukuze leziya zingadi ezazenziwa zibekhona kungabi sengathi yizingadi okwakupanishwa ngazo abafundi okwaze kwadala ukuthi intsha yenyanye indaba yokusebenzisa inhlabathi ngoba kuthiwa yilapho kupanishelwa khona umuntu.
Uma omama basemakhaya becela usizo lokuba baxhaswe ngocingo kuba nenkinga abayibekayo mhlonishwa ukuthi kuthiwa: Hamba uyokwenza i-business plan yokwenza ingadi. Uma eseyenzile leyo-business plan bese kuthiwa Linda. Kuyoze kuphela iminyaka emibili engenaso isiqiniseko sokuthi leyo-business plan iphasile yini.
Leyonto idinga ukuba ilungiswe ngoba asikho nesincane isidingo sokuthi kwenziwe i-business plan yamakhosikazi ayishumi afuna ukutshala ingadi yemfino. Kufanele bakulungise lokho mhlonishwa, u-ANC ongalungisa lokhu alikho elinye iqembu elingakulungisa lokhu. Uma abantu abahlala emakhaya bengathola ukusekelwa ezinhlelweni ezingamaphupho ezindaweni abahleli kuzo umnotho abawukhiqizayo ungaguqula izimpilo zabo ngokusebenza nje besebenzisa izandla zabo. Bayakwazi ukuqeqesha intsha yabo, abadingi nokuba baze basekelwe lokhu okutheni.
Uma uvuka ekuseni ungumzali uyakwazi ukuthi ngane yami yenza lokhu nalokhuya. Ingane ibe yingxenye yokwenza konke okuzoyisiza ukuthi iphile lapha ekhaya. Ngesikhathi umzali ehamba emhlabeni, umntwana uqeqeshekile uyazi ukuthi umzali wakhe wayethanda lokhu nalokhu. Ngakho-ke uma ubantu besimame bengaxhaswa ngayo yonke indlela bangakwazi ukuthi babenomthelela omkhulu ekuqeqesheni intsha yakithi.
Uma thina sikhuluma ngomama nentsha ehlala emakhaya sisuke sicabange ukuthi badinga lokhu nalokhu. Uyabona, ngale ngaphesheya umhlonishwa uMazibuko ukhuluma engazi ukuthi emakhaya kunjani; ukhuluma engazi ukuthi uma kukhulunywa ngezindawo zasemakhaya kukhulunywa ngento enjani futhi ebuhlungu kanjani, lapho ingane yakhona ingeke ikwazi ukuvuka ekuseni iye esikoleni ingazange yaqala ngokuthi iye kokha amanzi, lapho izingane zigezela endishini eyodwa zilungiselela ukuya esikoleni ngoba amanzi emancane. Leyo mpilo aniyazi kodwa thina sikhuluma ngempilo esiphile sakhulela kuyona, siyazi ukuthi ubuhlungu bayo bungakanani.
Uhlelo lwe-National Rural Youth Service Corps, Narysec, liwumqondo omuhle ukuthuthukisa intsha yakithi futhi luhle kakhulu ngoba aluhlangene ngokuthi kukhululwa ngobuqembu. Uma kukhishwa izikhala zemisebenzi kwenziwa into elula nje, mhlonishwa, zithunyelwa kubo bonke omasipala ukuba bakwazi ukuthi bazidlulisele entsheni. Intsha yafaka izicelo yathathwa ngalolo hlelo.
Siyaqinisa-ke ukuthi uma lolu hlelo lungaqhubeka kungaba umbono omuhle, mhlonishwa, ngoba intsha eningi ihleli laphaya emakhaya, ukuthi uma sebeqeqeshiwe bebuya benje sikwazi ukubatshala ezindaweni ezahlukeneyo, bahambe bayosiqeqeshela intsha, amasenti akhona ezikoleni lapho kufunda khona izingane zethu, babuye baqeqeshe leyontsha ngobuningi bayo emakhaya singabheki ukuthi kuyogcina kuqeqeshwe bona bese kuthiwa isibalo sincane. Ngoba uma bebuya sebenikezwa isibalo esikhulu siyophindaphindwa kulabo obatetileyo mhlonishwa.
Uma-ke lolu hlelo lungaqhubeka singaqinisa ngokuthi ...
USIHLALO WENDLU WESIKHASHANA (Mnu M R Mdakane): Mhlonishwa zama-ke ukuyiphetha inkulumo yakho.