Sihlalo, Mhlonishwa neNdlu yakho ehloniphekile, ukukhishwa kwalabo abadonsa izigwebo ezinkulu ngokugula kufanele kubhekisiswe kakhulu ngoba kukhona abadlala ngakho. Lokhu kufanele kungathunazi izigwebo zezinkantolo eziphuma uma kugwetshwa abantu. Ngakho-ke Mhlonishwa, kufanele uqaphele ukuthi obani abaphumayo futhi baya kogulela ukufa yini emakhaya, hhayi ukodlala igalofu.
Okunye, ukusebenzisa izinsuku eziyisikhombisa Mhlonishwa esontweni. Lokhu kubeka iziboshwa engcupheni futhi kubeka nabasebenzi komkhulu umthwalo. Kufanele izinhlangano zabasebenzi kanye noMnyango bafune ikhambi elingcono lokwenza lo msebenzi ube yimpumelelo.
Kufanele kuphenywe kakhulu ngokweqa kweziboshwa emajele ngoba thina beNkatha asikholelwa ukuthi awukho umkhonyovu kulesi senzo. Labo abatholakala benesandla ekwenzeni lo mkhuba abafanele ukusebenza kulo Mnyango ngoba badicilela phansi umsebenzi omkhulu owenziwa amaphoyisa ephenya icala, izinkantolo zigweba abonileyo bese bededelwa kalula oshomi babo nabangani babo abaphuza nabo amatiye bebiza o-cheers. (Translation of isiZulu paragraphs follows.) [Mr V B NDLOVU: Chairperson, hon Minister and the august House, the release of those who are serving long sentences because of ill health must be vigorously reviewed, because there are some people who are abusing it. And this should not undermine the sentences that are handed down by the courts when sentencing criminals. Therefore, hon Minister, you must know who are going to be released and whether they are going to spend their last days at home being sick, and not playing golf.
The other thing is the issue of using a seven-day week, hon Minister. This puts inmates in danger and it also places a huge responsibility on the staff members. The unions and the department must look for a better solution to the problem, so that this work can be a success.
There must be a thorough investigation with regard to the escaping of inmates from prisons because we, as the IFP, do not believe that there is nothing fishy about this. Those who are found having a hand in this act are not supposed to be working in this department, because they are letting down the police who have done good work in investigating cases and also the courts which handed down sentences to criminals, by allowing them to get off easily through the help of friends with whom they drink tea and shout cheers in the process.]
Corrupt officials should be, or must be, fired, hon Minister, when they are being found to be corrupt after a thorough investigation. They have to be fired. There should be no leniency on that.
Emajele kufanele kube indawo lapho kusetshenzwa khona futhi balungise iziboshwa ukuthi uma ziphuma zikwazi ukuphila ngaphandle. Inkatha Yenkululeko iphakamisa ukuthi akupheze ukuhlukumeza labo asebebuya ukuyodonsa izigwebo zabo. Abangabizwa ngamagama aziswana. Noma ngabe akubalungele ukuthi bangaphandle kodwa nabo kufuneka bazi mhlawumbe umhlaba usushintshile kunalowo abawushiya uyiwona. Izintombi abahamba benazo sezahamba. [Uhleko.]
Ukuqanjwa kabusha Mhlonishwa kwamagama amajele mhlawumbe uMnyango ufuna kube yinto oyibhekisisayo leyo. Lo Mnyango udinga imali eningi ukulungisa lokho. Awukwazi-ke ukuthatha lenkece encane kangaka uyisebenzise ukushintsha amagama amajele kube kukhona lapho kunezidingo khona, abantu lapho kudingeke khona ukuba basebenze khona, lapho kudingeka khona ukuthi bagadwe ngokusemthethweni.
Kufanele Mhlonishwa uMnyango ukubhekisise ukusebenzisana nomphakathi kanye nosomabhizinisi ekwakhiweni kwamajele. Ngithokozile ukuzwa uSihlalo wethu ekhuluma ngakho lokhu o-p bathathu Mhlonishwa, futhi lokhu kube ngendlela yokuthi ukuphepha kwabaphakathi kanye nezindleko zosomabhizinisi kuyenzeka njengokufanelekile. Kodwa loko akungenzeki ukuthi kukhame noma kunciphise imadlana encane esinayo eMnyangweni noma bangayenza eminye imisebenzi. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Prisons are places where hard labour is practised and where inmates are rehabilitated so that they can leave the prisons empowered and able to be reintegrated into the communities. The IFP proposes a stop to the harassment of those who have completed their jail term. They shouldn't be called by degrading names. And even if they are not fit to be released yet, they should know that the world has changed from what they knew it to be. The girlfriends they had have been taken now. [Laughter.]
Your department needs to reconsider the renaming of prisons, hon Minister. This department needs a lot of money to do that. You cannot, therefore, take the little funds that you have and use it to rename the prisons, while there are other sections of your department that need services, where there is a shortage of staff, and where proper ways of guarding inmates need to be implemented.
The department, hon Minister, needs to look into the co-operation between the communities and the business sector in the construction of prisons. I was pleased when our chairperson was talking about the three Ps, hon Minister, which should take into account the safety of inmates and the costs of the business sector, which should be calculated accordingly. But that should not be done with the small budget the department has even if they can still do other projects.]
The economic climate keeps on changing and maybe at this moment we should invest more in using our people, the inmates, to build correctional centres than to hire other people to do so. The skills developed by the inmates while working for the department will assist them when they leave prison. Ngiyabonga. [Thank you.]