Ngiyathokoza Phini likaSomlomo, bengicela ukubuza kumhlonishwa, uNyambose. Kusuke sekwenze njani uma lowo ozovikelwa esephelezelwa amaphoyisa amaningi adlula abantu ayokwethula kubo inkulumo, kube uyena yedwa umuntu obaluleke kakhulu [VIP], akakwe amaphoyisa odwa bese abantu beba bahlanu? Ukuhlolwa kwesimo kusuke sekuhambe kanjani kuleso simo?
UNGQONGQOSHE WEZAMAPHOYISA: Somlomo ohloniphekile mangisho nje ukuthi umbuzo engiwubuzwa yilungu elihloniphekile lale Ndlu ehloniphekile unzima kakhulu, angikwazi ukuwuphendula. Ngiyabonga. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you Deputy Speaker. I would like to ask the hon Nyambose what causes a situation in which an official who is being protected is accompanied by many police officers, more than the audience he or she is going to address. And the person is the only VIP, surrounded by many police officers, whereas there are only five people present in the audience. How is the security risk assessment done in this case?