UNGQONGQOSHE WEZAMANDLA KAGESI: Phini likaSihlalo, ngithanda ukuncoma umhlonishwa u-Aubrey Mokoena uma ekhuluma ngokuthatha ubulongwe ubenze amandla kagesi. Lokhu kungeminye yemizamo yoMnyango wezaMandla kaGesi yokuphehlwa kwamandla kagesi phecelezi esikubiza ngokuthi yi-renewable energy. Lapho kuthathwa khona izinto zemvelo ezifana nobulongwe, ilanga, umoya kanye namanzi kuphendulwe ukwenza ugesi.