Somlomo, Mongameli, izinkukhu zingakehli emthini, uhulumeni waseNingizimu Afrika weseka uMongameli Gbagbo okunguyena ophumayo esikhundleni ngokwamavoti. Izinkukhu zingakehli emthini. [Uhleko.] Kuthe emva kwalokho washintsha uhulumeni waseNingizimu Afrika, wavumelana nabanye emva kokuba sekuxoxiswene. Kwakuyini eyenza ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika aqhamuke kuqala aseke umuntu ohluliwe okhethweni, izinkukhu zingakehli emthini, bese ejika kamuva, Mongameli. Ngiyabonga. [Uhleko.]
UMONGAMELI WERIPHABHLIKI: Somlomo, ilungu elihloniphekile, uBaba uGatsheni, ngiyacabanga ukuthi noma izinkukhu sezehlile emthini, uma engabheka lapho kuqoshwe khona izinkulumo afunisise, acwaningisise ngeke aze athole ukuthi lo hulumeni weseka uGbagbo, akakaze nje nangelilodwa ilanga; noma izinkukhu zingakehli emthini, noma sezehlile. [Uhleko.] Into uhulumeni ayisho ngenkathi eshayelwa ucingo ngabaholi abehlukahlukene, abaphesheya nabase- Afrika, besinxenxa bethi asisukume seseke u-Ouattara, sathi kwenzeke isimanga lapha ngoba kuthe uma kufinyelelwa emaphethelweni okhetho kwaba khona izakhiwo ezimbili zase-Cte d'Ivoire ezisemthethweni, lesi esifana nesethu okuthiwa i-IEC, Independent Electoral Commission yathi kuphumelele u-Ouattara, yathi eyesibili i-Constitutional Council kuphumelele uGbagbo ezweni lilinye kwenzeka into engakaze yenzeke kuthiwe kunoMongameli ababili, baphumelele bobabili, kusho izakhiwo ezisemthethweni wakuleliya lizwe.
Sithi-ke thina uma siphendula, asikwazi ukuthi seseke oyedwa walaba ababili. Sizofisa kuqala ukwazi amaqiniso, ukuthi kwenzekeni? Yini le ebangele ukuthi lezi zakhiwo ezibaluleke kangaka ziphume nemibono emibili eyahlukahlukene na? Salile, sakhuluma futhi kwezwakala. Uma ungayocwaninga ubhekisise kahle uyothola ukuthi eqinisweni sala ukusekela lo okuthiwa akasekelwe yiwo wonke umuntu, sangamsekela lo ongasekelwa. Iqiniso limi lapho. Sathi-ke ngoba sinalokho nje kokuthi kunento engenzekanga la, akukaze kwenzeke lokho, nawe awukaze ukuzwe; ezweni elilodwa kuthiwe kuphumelele abantu ababili? Kuphumelela umuntu oyedwa okhethweni [Ubuwelewele.]
Sase sithi uma sifika kwi-AU senza isiphakamiso sathi ngoba nakhu kunombango, abanye bathi kuphumelele lo abantu bathi kuphumelele lowaya - uma lokhu kushiwo ngabantukazana nje ungathi bayazihumela, kodwa uma sekusho izakhiwo ezisemthethweni - inkinga phela leyo, akutholakale amaqiniso. Yingakho-ke kwathi uma sesiphakamise lokho, kwakhiwa le sakhiwo esabizwa ngokuthi phecelezi - i-High Level Panel ye-AU, ukuthi ake iyophenya - neNingizimu Afrika yaba yingxenye yalokho. Nangempela-ke sihambile sayophenya, sawathola amaqiniso. Yilawa maqiniso-ke asebangele ukuthi ngoba sesiyazi ukuthi kwenzekeni, sathi ngempela ngempela u-Ouattara uphumelele, saba yingxenye yesinqumo se-AU. Akukho nje okunye okuphume eceleni, Gatsheni, lungu elihloniphekile. Konke kuhambe ngendlela. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, President, the South African government jumped the gun and supported President Gbagbo who has been voted out. They jumped the gun. [Laughter]. Right after that the South African government changed its tune and agreed with the others, after some discussions. What made the South African government to first support someone who was defeated in the elections a long time ago and then change at a later stage, President? Thank you. [Laughter.]