I don't even know -for some of the things you are saying, where did you get the mandate; from your national executive committee or from the Gauteng High Court? [Applause.] I am really amazed that you were actually not quite listening to what the President was saying, maybe ...
... ngiyaxolisa bantu, nanihleli kabanyana lapha ngaleliya langa, nina le nsizwa engingeke ngiyibize ngegama. [... I should apologise because you were quite uncomfortable there on that day, with that gentlemen whom I will not mention by name. [Laughter.]]
What are Cope's practical proposals?
Ngicela-ke ukuphetha ngokuthi ke ngikhulume nawe Shenge, Sokwalisa; Ngikhulume nawe njengomuntu ongangomzali wami. Ngiphatheka kabi uma uphinda uzama ukuthi sikhulume ngaleya ndaba yokuchitheka kwegazi ngoba inzima, ayinzima kuwe kuphela, inzima nakithi. Bengicela-ke ukuthi noma ngabe kuthiwa kukhonani engasiphethe kahle kodwa singakhulumi ngaleya ndaba yokubuyela emuva. Ngifuna-ke ukuchaza futhi ezinye zalezi zinto engizozisho kuwe namhlanje umdala ngikuhlonipha, ngizifundiswe wuye lo Mongameli esixoxa le ndaba abeyibeka lapha.
UMongameli kunezinto ezimbalwa angifundisa zona, nami ngisashiselwa yigazi, Sokwalisa, ezinye ngangingamuzwa ngithi "nango-ke uMsholozi ufuna ukuzosifaka umoya wokuthi singalwi" kodwa ngafunda kuleyonto ukuthi okokuqala nje uma ningabaholi nihleli nibonisana nihleba, akungabikho omunye umholi ozosukuma ayoyisho esidlangalaleni leyonto [Ihlombe.]ngoba uMongameli uyokwazi kanjani ukuthi ngelinye ilanga azohleba nawe ngokweqiniso ngoba eqonde ukwakha.
Into yokugcina engifuna ukuyisho, siyi-ANC, asifisi ukuthi iphele, i-IFP; i- IFP ayibe khona siyihlule nje okhethweni ilanga libalele kodwa ibe khona.[Ihlombe] Inkinga yakho Shenge, ngizokusho lokhu, hhayi ngokukudelela, ngicela nami ungangizwa kabi, inkinga ye-IFP ayihlukile neye- Cope, yileya-Congress nje enginayibambi Sokwalisa; edale zonke lezi zinkinga. [Uhleko] Bheka ekhaya, ungabheki kuKhongolose, thina sizibhekele izindaba zethu. Ngiyabonga kakhulu ukuthi ngithole leli thuba. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[May I conclude by talking to you, Shenge, Sokwalisa; let me talk to you as my parent. I am aggrieved when you try to raise the issue of the blood that was shed in the past because this is a difficult issue, not only to us, but to you as well. I would like to request that even if we may be aggrieved by whatever issue, let us not go back to that. I would like to explain that some of the things that I am going to say to you as my superior whom I respect, some of the things that I am going to relay to you, are things that were taught to me by this President, with whom we are discussing matters that he laid on the table.
The President taught me a few things while I was young and hot-blooded. I would not understand and say: "There goes Msholozi, spoiling a good fight." But out of that I learnt that if you are leaders, sitting, discussing and deliberating issues, no one should take these issues and declare them to outsiders ... [Applause.] ... because how then will the President be able to trust and confide in you?
Lastly, as the ANC, we do not wish for the IFP to dissolve. The IFP must be there so that we will defeat them fair and square in broad daylight! [Applause.] Your problem, Shenge - allow me to say this, not out of disrespect; please don't misinterpret me - is that the IFP's challenge is not different from Cope's, it is that congress you failed to contain which has caused all these problems. [Laughter.] Tend to your problems. Do not worry about the ANC's problems. We are only concerned about our problems. I thank you.] [Applause.]