Deputy Chairperson, it is indeed through working together that all spheres of government can speed up service delivery and provide a better life for all, I thank you.
UMntwana M M M ZULU: Phini likaSihlalo wale Ndlu, Mama uMemela, mhlonishwa Mongameli wezwe lakithi eNingizimu Afrika, Msholozi, amalungu ahloniphekile ale Ndlu nezimeya zonke namakhosi akhona, singekufihle ukuthi lapha ezweni lakithi kusekhona izindawo lapho izinsiza zisahamba kancane khona. Njengakuso lesi sifundazwe kodwa akuyona leyo into engingama ngihlonize ngayo bese ngithi ngihlomile ngoba ngiyimbangi sekufanele ngeshele ngayo intombi. Uma singakwazi ukugcizelela ezinhlakeni zoMthethosisekelo wezwe njengoba nawe ushilo ngaphambilini ukuthi ukusebenzisana kohulumeni kuyinto ekhona emphakathini. Uma oNgqongqoshe bethu ezingeni likazwelonke bengangababukeli phansi oNgqongqoshe abakohulumeni bezifundazwe, cishe siyophumelela ukusiza bonke abantu. Uma oNgqongqoshe kuhulumeni bezifundazwe bengangabukeli phansi izimeya namakhansela kusho ukuthi ngempela siyokwazi ukuqeda usizi kubantu bakithi.
Akuzona lezi izinto esingahlala ngazo sigiye phezu kwazo. Nasi nje isibonelo esisodwa engingasenza, uma ungabheka umasipala walaphaya eNkandla unikezwa izigidi ezingama-49 ngonyaka, uyokwenzani kubantu baseNkandla? Ayikho into oyoyenza into eyinselele enkulu ngukuthi akufuneki kube khona imincintiswano phakathi kwayo yonke le mikhakha emithathu kahulumeni. Uma sithi sizoncintisana afike uKhabazela abhavumule eNkandla, kusho ukuthi udlala ngosizi lwabantu bakwamkhulu uMamonga. Uyazi-ke uKhabazela ukuthi uMamonga wayeshaya ekhaya; manje-ke asifisi-ke ukuthi abantu bakithi babe njalo.
KuMnumzane uMagashule, ngithi mnewethu uyingane encane enezinyanga eziyi-18 izelwe kodwa-ke yize noma kunjalo mina nginethemba ngoba kufanele ngilingise ubabamkhulu uMqalajuba. Nginethemba lokuthi kukhona lapho uya khona, [Ihlombe.] Ngithi ezinsizweni nezintombi zakithi osebenza nazo faka isitswebhu kakhulu ngoba engikubonile akuyona into engingabuya ngizogiya ngayo la, kodwa ngithi ngiyakwethemba njengendoda. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Deputy Chairperson, Ms Memela, hon President of our country, South Africa, Msholozi, hon members of this House, mayors and all chiefs present, we cannot hide the fact that here in our country there are places where service delivery is still slow. An example is this province, but that is not something I can stand here and perform about and use as my weapon to score political points because I am from the opposition. If we can emphasise the spheres of government as you have said before, working together as government is something that is happening in the communities. If our Ministers in the national sphere of government do not undermine our MECs, we will be close to helping everybody. If the MECs do not undermine the mayors and the councillors it is clear that we will be able to overcome the misery of our people.
These are not the things we should dwell on and make a noise about. Here is one example I can mention: If you look at Nkandla municipality, they are allocated R49 million a year, and what is it going to do for the people of Nkandla? It is not going to do anything. The only challenge is that there must not be any competition amongst these three spheres of government. If we are going to compete, Khabazela will come and growl at Nkandla, which means he is finding joy in the misery of the people of my grandfather Mamonga. Khabazela knows that Mamonga used corporal punishment at home for his children; now we do not wish for that to happen to our people.
Mr Magashule, my brother, you are an 18-month-old baby but even so I have faith because I have to try to be like my grandfather Mqalajuba. I have faith that you are going somewhere. [Applause.] To the brothers and sisters you are working with, you must tighten your ropes because what I saw is not something I would come and be amused about, but I have faith in you. Thank you. [Applause.]]