Somlomo, ngiyabonga mhlonishwa uMongameli ngezinombolo lezi onginike zona. Bengicela ukusho mhlonishwa uMongameli ukuthi lolu daba unguMongameli wesine siluxoxa. Ngeke siluyeke futhi siyoqhubeka ngokuluxoxa luze lufike ekugcineni. Ukuthi uKhongolose uyathanda ababo bahlale ngaphakathi noma abathandi, okwabo labo. [Uhleko.]
Okumqoka yikuthi siyafisa engathi umhlonishwa uMongameli angashesha afikelele esinqumeni salaba bantu, ngoba ngeke kwakuhle ukuthi abantu badonse izikhathi ezide, behleli laphaya ezindlini ezimnyama, ekugcineni bese kuthiwa baxolelwe nguMongameli kanti bese vese bezophuma ngakusasa. Lokho kungeke kwaba yigama elihle, okokuqala lokho.
Okwesibili, ngicosha ithuba lokuthokoza mina ukuthi kukhona nalaba okuthiwa usimunye. Angimazi usimunye kodwa angifuni ukubakhulumela ngoba banenhlanhla yokuthi bakucoshe lokho. Bengifisa Mongameli ukuthi lezicelo zonke zingenziwa masishane ukuze abantu bangagugeli emajele, nalaba abafanele ukuthi bathathe, bathathe besebancane, bangaze befele khona. Ngiyathokoza. [Uhleko.]
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Ngiyazibongela Somlomo, lungu elihloniphekile lesishayamthetho, Gatsheni, ngiyakuzwa baba kodwa engifisa nje ukuthi ngikuqaqambise kakhulu ukuthi akubambezele uMongameli. Njengoba wazi ukuthi lwathi lolu daba luphethwe, kwase kubakhona abaluthathayo balusa enkantolo.olwalunesibalo esithile salabo abenze izicelo.
Uma-ke udaba seluphambi kwezinkantolo awukwazi ukululokotha noma ngabe unguMongameli. Kufanele ukuthi ume, ulindele inkantolo ize ikhiphe isahlulelo, futhi-ke le nkantolo ebiphethe lolu daba inkantolo okuyiyona enkulu kunazo zonke yomthethosisekelo. Inkantolo yasikhipha isinqumo. Ithe seyisikhiphile, laba abakhuluma lolu daba, abafisa ukuthi lwenzeke ngoba inkantolo ithe labo abathintekile maqondana nokuthi isihlobo zalaba abangaphakathi abenze izicelo, nalabo ikakhulu okuyibona abalahlekelwa abantu babo, kufanele ukuba babe nezwi lokuthi bathini bona. Baphume laba bantu na noma bangaphumi, kusho inkantolo.
Ngithe sengilungiselela ukuthi ngiyakwenza-ke lokho njengokuqondiswa yinkantolo, kwase kuthi laba ababizwa ngokuthi izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, zafisa ukuthi nazo zafisa ukuthi ulwazi noma imiqulu equkethwe imininingwane zafisa ukuyibona nazo mathupha. Nazo lolu daba zaludlulisela enkantolo ukuthi zifisa ukulubona. Yilokho okulibazisile Gatsheni, ukuba kuyangathi ngabe izinqumo kade sizithathile ngoba nathi sifisa ukuthi umthetho uma uthi asenze into, siyenze. Singaphikisani nomthetho kodwa nalabo abafisa ukuthi umthetho usetshenziswe, bathathe amanyathelo athile athinta umthetho. Kuthiwa-ke into uma isemthethweni awukwazi ukuyisukela nje, ungaboshwa nokuboshwa. Abafundile bayaye bathi udaba olubucayi olusezithebeni zenkantolo. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, I thank you, hon President for the numbers you gave me. I would like to state, hon President, that you are the fourth president with whom I am raising this issue. We are not going to give up; we will continue raising it until it is concluded. Whether or not the ANC wants their people to remain incarcerated is their business. [Laughter.]
What is important is that we wish for the President to quickly reach a decision with regard to these people, because it won't be good for people to serve long sentences, locked up in dark cells, and eventually it will be said the President pardoned them whereas they were about to be released. That won't be right; that is the first thing.
Secondly, I want to take this opportunity to appreciate that there are those who are said to be single. I don't know any person who is single, but I don't want to speak on their behalf because they are lucky to be like that. I just wish, hon President, that these applications could be processed quickly so that people do not reach old age inside the prison. And also allow those who deserve to get married to do so while they are still of good age, rather than letting them die in prison. I thank you. [Laughter.]]