Mhlonishwa Somlomo, Mongameli siyabonga incazelo yakho isiza kakhulu emphakathini ngoba abantu soloku bayabuza ngalezi zindaba.
Engifuna ukulandela ngako Mongameli yiloku ukuthi lawa magama ayi-149 ngabe ngamagama lawa ithiba elibhekelela ukuxolelwa elawaveza ngakuMongameli yathi ibona ukuthi laba abanikezwe ushwele wezepolitiki. Loko ngikubuza ngoba sebebonke cishe abafaka izicelo bafikela cishe eziyi-2000.
Okunye futhi okwenza ukuthi ngibuze ngaloku, lawa magama ithimba elibhekelela ukuxolelwa elawaveza ngaphambili lancoma, kwabanzima, kwabanamagama asala ngaphandle ngoba kungekho ukuvumelana ethimbeni, kwashuba impela bephikisana. Umbuzo wokuqala lowo. Okwesibili umbuzo Mongameli, umayelana nesikubone kwenzeka eVulindlela enkundleni yezemidlalo, lapho bekuhlangene khona esakubona ukuthi cishe kufana nendlela yokushanela amabala, ukuthi mhlawumbe uma sekukhishwa abantu bebe beshayisana ngamakhanda ngezikhathi zepolitiki, kutholakale ukuthi la emphakathini sebeyamukeleka.
Kodwa Mongameli kukhona abasala ngaphandle abazange bawuhambele umcimbi waseVulindlela bathi kukhona okusalenga. Manje umbuzo uthi ngabe uMongameli uyokwenza yini ukuthi uma kuhlanganiswa imiphakathi kanjena ikakhulukazi khona kwelikaMthaniya kungabi abasalela ngaphandle kube Mongameli sakubona uphumelela wenza ukuthula koBurundi abantu baxhawulana ? AbakwaMthaniya bazakuxhawulana.yini bona ekugcineni? [Isikhathi Siphelile][Ihlombe.]
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, lungu elihloniphekile lesishayamthetho, ngiyabonga umbuzo wakho. Wonke lamagama esikhuluma ngawo ayilesibalo alethwa yithimba elibhekelela ukuxolelwa. Kusho ukuthi lawa amanye asala uma senza amanye - maningi esawenza njengoba kade ngenza isibonelo nje la ukuthi kunezinqumo esengazithatha kwamaningi. Asala lawa ngenxa yokuba kwabakhona imibandela ethile - ngakho yiwo wonke.
Angiwutholanga umbiko othi kukhona amagama asala ngaphandle, ngoba ithimba elibhekelela ukuxolelwa alishongo ukuthi liletha lawa nje kukhona eliphikisane ngawo kwaze kwasekugcineni langavumelani. Ngathatha lokho osekuphambi kwami ngasebenzela phezu kwako.
Maqondana nodaba lwaseVulindlela olulanda ngoba ubeka ukuthi kuyekufuneke ukuthi abantu bathelelane amanzi uma kuthiwa kukhona uxolo. Isenzo leso esenziwe abantu baseVulindlela abazisukumela phansi ngoba udlame olwalukhona lwaluyizinhlobo ezahlukahlukene. Kwakukhona ukulwa kwezigodi, kukhona nokulwa ngokwezepolitiki. Kwasukuma izinsizwa ezasukunyiswa laphaya ngoba ngangikhona ngaleli langa, okuyizona ezisungule ukuthi akuxoxwe, kube khona ukuzwana.
Kanti futhi ngenkathi kwindaba kwashiwo ukuthi bakhona abasasele ngaphandle. Lokho phela kusho ukuthi kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi makusekhona okulengayo, sikwehlise emqadini sikubeke phansi, sikhulume ngakho ukuze wonke umuntu abe noxolo, kube khona uxolo phakathi kwabantu. Ngicabanga ukuthi isenzo saseVulindlela sibeyisenzo esihle, engicabanga ukuthi siyakhona ukuthi kuyoze kuxoxwe futhi abantu baze baphelele. Phela isiZulu sithi:"Impandla iqala ngenhlonhlo." [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follow.)
[Mr J B SIBANYONI: Hon Speaker, hon President, we thank you for your explanation, which will help the public a lot because people always ask about these matters.
What I want to do proceed to do is to find out if these 149 names are the names that were submitted to the President by the presidential pardon committee members to be considered for pardoning. I ask this question because the total number of applicants was almost 2000.
I am also asking this question because when these names were revealed by the committee and recommendations were made, it was tough because some names were omitted because no agreement was prevalent and things got complicated as they disagreed. That is the first question.
The second question, hon President, is about what we saw at the Vulindlela sports grounds. There was a gathering that we could describe as a peace initiative, so that upon their release from jail all these people, who had previously been in conflict politically, would live together harmoniously as a community. But, hon President, some people opted not to honour the gathering, saying there were still outstanding issues. The question is, would you try to ensure that everybody attends these gatherings, especially in KwaZulu-Natal, and that nobody is left out, since we have seen you succeeding in brokering peace deals in Burundi and have also seen people shaking hands? Are the people of KwaZulu-Natal going to eventually shake hands? [Time expired.] [Applause.]