Thank you very much, Cllr Johnson. I would like to take this opportunity to thank you for your consistency in the activities of the NCOP.
UMntwana M M M ZULU: Sihlalo waleNdlu ohloniphekile, Ngqongqoshe Manzankosi, abahlonishwa abangamalungu aleNdlu, izwe lakithi iNingizimu Afrika yizwe okufuneka siziqhenye ngalo ngoba lapha e-Afrika yilona lizwe engingathi linezinto zokuthutha cishe ezihlelekile.
Kukodwa noma kubili umuntu angakuphawula, njengoba ungumfana wasemakhaya owelusa, kufanele ukubhekelele ukuthi kulezi zifundazwe eziyisishiyagalolunye labo obambisene nabo abangamehlo akho bakwazi kahle kamhlophe ukuthi bavale imigojana esemigwaqweni. Kuyangikhalisa Ngqongqoshe ukuthi umgwaqo ohlanganisa iGoli nesiFundazwe saseNyakatho neNtshonalanga siyakhokha kuwo kodwa ube nemigojana lena ebengikhulume ngayo; kungikhalisa kakhulu lokhu.
Laphaya eMpumalanga kukhona indawo okuthiwa yiCarolina - uma uhamba ubheke kuleli likaMswati leNkosi, uMhlaba weNkosi- uye uthole ukuthi nakhona kunemigodi emgwaqweni. Yizinto okufanele zibhekisiwe ngokubambisana ngoba phela ngiyazi ukuthi ngeke ube namehlo amaningi kangaka okubheka kulo lonke leli.
Uma ngibuya ngiza ekhaya, angisho kuleNdlu ukuthi ezimpini zezigebengu, izigelekeqe lezi zamatekisi, wenza okukhulu okwenza ukuthi zehle izigigaba zokufa kwabantu bebulalelelana nje umhawu noma umhobholo wokuba bacoshe izimali zomphakathi. Yileso sizathu esenza ukuthi abantu bazesabe kakhulu ezokuthutha umphakathi ngoba basuke becabanga ukuthi, hhawu umuntu useziyisa ethuneni! Ngiyawuncoma futhi uMnyango wakho ngoba ukwazile ukuba uqashe amaphoyisa amaningi ogwaqo azobheka ukuthi sigijima kangakanani emigwaqweni yethu. Yilezo zinto okufuneka thina njengezwe laseNingizimu Afrika sizibheke ukuthi ziyenzeka.
Bese ngiyabuya-ke njengomfana owelusa izinkomo, waqhathwa ngibheke ukuthi labo masipala basemakhaya, Manzankosi, ukwazi njengoba nami ngikwazi ukuthi laphaya nje eNtambanana noma kwaNongoma noma eMahlabathini, oNdini noma eNkandla ngeke kukwazi ukuthi sibe nogandaganda abangalungisa imigwaqo leyo esuke iphuma emigwaqweni omkhulu. Siyacela ke ukuthi uma umnyango wakho usubheka onyakeni wezimali ozayo, ubhekisise ukuthi kunganezezeleka kanjani ukuthi babe namandla okuphumelelisa iphupho labantu bakithi lokukhululeka. Phela inkululeko ayisho khona ukuvota kuphela kodwa isho nakho ukuhamba ngokukhululeka emigwaqweni yezwe lakithi. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Hon Chairperson of this House, hon Minister Manzankosi, hon members of this House, we need to be proud of our country South Africa because it is the country in Africa that has the most organised transport system.
There are one or two issues one can mention about this. As a village boy who was a herd boy, you must ensure that the people with whom you are working, who are your eyes and ears in all the nine provinces, know exactly that they must fix the potholes in the roads. It concerns me, hon Minister, that we pay toll fees on the road that connects Gauteng and the North West province and yet it is full of the potholes that I was talking about. It concerns me a lot.
In Mpumalanga, there is a place called Carolina and on your way in that direction - King Mswati's land, around the Chief's place - you find that there are also potholes in those roads. We need co-operation in respect of all these things as one does not have eyes to see everywhere in the country.
Coming closer to home, I would like to say to this House that in criminal wars, the taxi warlords have done a great job, which resulted in the reduction of the killing of people just because they are jealous of each other or because people are greedy for the communities' money. That is why people are so scared of using public transport, namely because they associate it with death! I also commend your department for employing so many traffic officers who will also monitor the speed at which we travel. These are things that we need to ensure are done in this country.
And when coming back, as someone who was a cattle herd boy and was engaged in stick fighting, I need to look at these local municipalities, hon Manzankosi, since you and I know that in areas like Ntambanana, KwaNongoma, Mahlabathini, oNdini and Nkandla, caterpillars are not used to build roads that connect these areas with the highways. I therefore request that when your department is preparing a budget in the new financial year, you should look at how you can increase their budgets so that they can be empowered to fulfil our people's dream of freedom. By the way, freedom does not mean voting only, it also means travelling safely on our country's roads. Thank you.]