Deputy Chairperson, hon members and hon Ministers ...
... kubahlonishwa bonke abakhona kule Ndlu, ngimi lapha nokuziqhenya ngokuthi uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe unendima ebonakalayo okufuneka uyidlale ekuhlanganiseni izinhlaka zikahulumeni nohulumeni wokubambisana kanye nobudlelwano kohulumeni.
Lokho kwenza ukuthi le Ndlu ikwazi ukuthatha olapha emakhaya, phansi komasipala basekhaya kanye nohulumeni wesifundazwe ukuba kuzoxoxwa ngakho ezingeni likaZwelonke. Sibhalisa ukubhekwa omasipala bonke kuzifundazwe noma ukubhekwa komasipala ngamunye komasipala basekhaya. Lokhu kukodwa kusinikeza umthwalo ukuba siqikelele ukuthi sibheke lokhu okungenziwa yizifundazwe nomasipala ukuthi kuyenzeka nakuhulumeni omkhulu. Sikubheke ukuthi oNgqongqoshe bayakwazi ukuba bachaze ukuthi izinto zenzeke kanjani ezweni lakithi.
Le Ndlu ngiyayincoma ngokuba yizwi labantu. Isakhamuzi sakithi esingakwazi ukuzokhuluma sime la ngimi khona, le Ndlu iyakwazi ukuba ithathe iPhalamende iliyise ebantwini ukuba babeke izimvo zabo. Bagxeke noma bancome ngokwenziwe nguhulumeni. Impumelelo yezwe lakithi iyobonakala uma leli Phalamende likwazi ukulalela izimvo zabantu. Sikwazi nathi ukuba khona ezintweni ezenziwa oNgqongqoshe, ngikubeka ngokucacile ukuthi kuzo zonke izifundazwe eziyisishagalolunye akukho nowodwa uMnyango kahulumeni okumele ubabukele phansi omasipala kumele kusetshenzwe njengohulumeni obumbene sikwazi ukuthi izidingo zabantu zifezeke.
Sengiphetha ngiphatheka kabi ngenxa yokuthi uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi usehambile kodwa ngifisa ukuthi omasipala abangazilawuli bese beqasha abantu ngendlela engafanele ngoba kulo lonke lezwe sikhala ngokuthi omasipala baqasha abantu ezindaweni ezingafanele.
Ikhomishana Yezemisebenzi Yomphakathi kufanele idlale indima ebalulekile ekuhleleni ukuthi izinto kufanele zihambe kanjani. Uma kwenzeka kufanele siwuvakashele Umthethosisekelo sibheke ukuthi uthini ngezikhungo zezaHluko 9, ngoba zikhona kwizifundazwe kodwa azichazi ukuthi izinto zenzeka kanjani kwizifundazwe, zichaza kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe. Noma nje lezi zinto zingiphathisa ngekhanda njengendoda yakwaZulu. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... to all the hon members who are present in this House, I am standing here with great pride in knowing that the National Council of Provinces has a major role to play in uniting the spheres of government in co-operative governance, as well as bringing about good relations in the spheres of government.
This House makes it possible for someone who serves at a municipal level and someone at provincial level to come to talk about their issues at the national level. We record the monitoring of all the municipalities or each municipality in the provinces. This ensures that what cannot be done by provincial governments or municipalities is done by national government. It also ensures that Ministers are able to account for what is done in our country.
I commend this House for it is the people's voice. If a citizen cannot come and stand where I am standing and speak for him or herself, this House is able to take Parliament to the people where they are able to air their views. They can either criticise or commend the government on what it has done. The success of our country will be seen if this Parliament is able to listen to the views of the people. We, as members, must also be informed of what the Ministers are doing, and I want to put it very clearly that in all the nine provinces not even one government department should look down upon the municipalities, because we need to work as a united government in order to meet the people's needs.
In conclusion, although I regret saying it when the Minister of Public Works has already left, I want to say that municipalities should not control themselves with regard to the appointment of people, because their appointing processes are inappropriate as the whole country is complaining about municipalities which are appointing unqualified people to certain positions.
The commission for Public Works must play a significant role in planning how things should be done. If necessary, we need to consult the Constitution to find out what it says about Chapter 9 institutions, because they are there in the provinces but they don't explain how things are done in the provinces; they only explain how the National Council of Provinces should operate. These things give me a headache as a Zulu man. Thank you.]