Sihlalo, Phini likaMongameli wezwe elibambile, malungu ahloniphekile aleNdlu, mhlonishwa Mkhathini nekomidi lakho ... [Chairperson, Deputy President of the country, who is also the Acting President, hon members of this House, hon Mkhathini and your committee ...]
... on behalf of the IFP I am standing here today, proud as an African ...
... ngoba izwe lakithi liphumelele ukubamba le ndebe yomhlaba kule ngabadi yakithi i-Afrika. Kunezinto ezimbalwa okufanele ngizibale njengokuthi, abantu abayizivakashi ezweni lethu kufanele sibahloniphe futhi sazi ukuthi beze kithina.
Sicela bonke abezokuphepha mhlonishwa Nyambose, bame ngomumo, ukuze uma senza ubugebengu basiqoqe basifake phakathi. Egameni leNkatha Yenkululeko Yesizwe ngifisela iNingizimu Afrika yonke nezwekazi lase Afrika impumelelo.
Sengigcina, Sihlalo, ngeke ngikwazi ukuthi ngizibongele ngokuthi isifundazwe sakwaZulu-Natali sinenkundla enkulukazi, kodwa, ngicela abantu bakwaZulu-Natali ukuthi bangaphoxi, babaphathe kahle abantu bokuhamba njengomakoti. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... because our country has succeeded in hosting this World Cup in our land, Africa. There are a few things that I must mention, such as that the people who are visitors to our country should be respected and we must know that they have visited us.
We request that all the state security, hon Nyambose, should be ready, so that when people are involved in criminal activities they should be arrested us. On behalf of the IFP, I wish South Africa and the entire African continent success.
In conclusion, Chairperson, I won't be able to sing praises for myself by saying that the province of KwaZulu-Natal has a very big stadium, but I am requesting the people of KwaZulu-Natal to behave themselves and to treat the visitors well.]
I request the House to join together and say, "Viva, Bafana Bafana! Viva!"
HON MEMBERS: Viva! [Applause.]