Sihlalo, uNgqongqoshe uphathe indaba yosuku lwabantu abasha, u-June 16. Ngqongqoshe, ingabe-ke njengoba siya ku-June 16, zikhona yini izinhlelo ezikhona zokuthi lolu suku silugubhe sonke singabantu baseNingizimu Afrika, singaboni abamnyama bodwa begubha lolu suku? Nokuthi, ngabe zikhona yini izinhlelo ezihlelwa uMnyango, ikakhulukazi ngokubambisana nohulumeni bezifundazwe, njengaKwaZulu-Natali. Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZOBUCIKO NAMASIKO: Sihlalo, ngempela ukhona umsebenzi esiwenzayo ukugqugquzela ubunye bethu nobunye besizwe okubhekene no-June 16.
Kunohlelo elwenziwayo, sizobe sisebenza nentsha singuhulumeni. Kuzobe kunemashi ezobe iyisikhumbuzo saloluya suku, mhlazana abantwana bemasha besuka e-Morris Isaacson, bahambe baze bayofika lapho kwangwcatshwa khona u- Oscar Peterson.
Sizosuka lapho-ke sihamba nazo zonke izihambeli zethu nabadlali bethu abazobe beze kwiNdebe Yomhlaba ka-2010, ikakhulukazi labo abavela emazweni ase-Afrika. Sinawo-ke namakhonsathi namafestivali. Siqalile nge-Afrika Day, ukwenza amakhonsathi, lapho ebesigxile khona kwabomdabu balapha eNingizimu Afrika, nababuya e-Afrika ngobubanzi. Sisho sithi sizobambisana nabo noma sekuyiwa emicimbini yokuvula nokuvala, bazobe bekhona labo ababuya emazweni ase-Afrika, ikakhulukazi labo abaphumelele ukungena emqhudelwaneni, esibabiza nge-6 pack. Amazwe ayisithupha ase-Afrika aphumelele ukungenela umqhudelwano [The six African qualifying countries], simbandakanya neNingizimu Afrika. Sithi Bafana Bafana ndizani. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D D GAMEDE: Chairperson, the Minister touched on the issue of Youth Day, June 16. Minister, as we are approaching June 16, are there programmes in place for all of us to celebrate this day as the people of South Africa, not only as black people? Are programmes being prepared by the department, especially in partnership with the provincial governments, such as KwaZulu- Natal? Thank you.