Sihlalo, Ngqongqoshe, Mphephethwa siyabonga ukuthola impendulo nokuzwa ukuthi kuzothatha isikhashana.
Kodwa-ke mhlawumbe ukuzama ukubuza ukulandelela Ngqongqoshe, ukuthi kulesi sikhashana kungakalungi, ngoba abafundi abahlala ezindaweni zasemakhaya bayahlupheka. Njalo uma kuqala unyaka, abanye nje bayashoda ngemali yokuthi bangene ezikoleni. Lukhona yini mhlawumbe olucatshangwa yilo Mnyango ukwazi ukusiza ukuthi bangene nje ezikoleni, bese kuqhubeka ngoba basuke bembondelane ndawonye ngesikhathi esisodwa. Ngiyabonga Sihlalo.
UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO EPHAKEME NOKUQEQESHA: Lungu elihloniphekile, bab'uGamede okunye engikhohlwe ukukucacisa embuzweni wakho ukuthi abafundi abacela ukuyofunda emakolishi, abakhokhi mali ngokwenza izicelo. Imali abayikhokhayo kuphela kuba yile yokubhalisa, kodwa kusukela kulonyaka njengoba ilungu elihloniphekile lazi. Sithe laba bafundi abantulayo abavele bezothola uxhaso lukahulumeni abangalindelwa ukuthi kubekhona imali enye abazoyikhokha phambili.
Lizokhumbula-ke futhi ilungu elihloniphekile ukuthi njengamanje siphezu komsebenzi wokucubungula izincomo ezenziwe yilela komidi engangilikhombile ukuthi keliphenye mayelana nesikhwama esisiza abafundi "i-National Student Financial Aid Scheme". Ezinye zezincomo ezenziwa yileliya komidi engingasho ukuthi sengizamukele kodwa esizibukayo. Abafundi abantulayo abaya emakolishi bangakhokhi ngisho isenti, sisazokucubungula lokho ukuthi kusho ukuthini ikakhulukazi emakolishi.
Nanokuthi emaNyuvesi nakhona lolo hlelo siyoluqala kanjani. Zonke lezi zinkinga ubab'uGamede akhuluma ngazo zikulosomqulu wombiko wekomidi leli engangilikhombile. Njengamanje nje siwuMnyango siphezu komsebenzi wokuyibuka lento siyifakele izibuko ngendlela yayo, ngenhloso yokuthi izincomo zethu sizithathe sizise kwiKhabhinethi, iSigungu sikahulumeni esiphezulu ukuze sikwazi ukuba sithathe isinqumo esiphelele ngenhloso yokunciphisa zonke lezi zinkinga ilungu elihloniphekile ubab'uGamede akhuluma ngaso.
UMntwana M M M ZULU: Ngibonge Mphephethwa, ngithi silamulele ngoba kukhona abantu abafundile laba okuthiwa abasebenzi bezikhungo zemfundo ephakeme ngenkathi sifika emaNyuvesi sasingafaki izicelo ngezigaba zemfundo enyuvesi noma ngokwezindawo lapho kufundelwa khona imikhakha ehlukene.
Kodwa manje sekwanele kwaba nemikhakha ehlukene eNyuvesi kwase kubakhona abasebenzi bezikhungo zemfundo ephakeme base bethatha umsebenzi wokwengamela. Usuyabona ukungena kwabantu ukuthi sekuhlungwa kakhulu benzela ukuba babenabafundi abanele ekilasini.
Angazi Ngqongqoshe ukuthi lo msebenzi wokwengamela ungehluka kanjani ukuthi izifundiswa lezi zethu zingathathi phela umsebenzi wokwengamela. Akwenziwe umsebenzi wokwengamela ubonakale ukuthi iNyuvesi mhlawumbe mayithi ifuna abafundi abasha abayizi-15000 noma izi-7000 kungenwe ngalolo hlobo. Abasebenzi bezikhungo zemfundo ephakeme banciphise amandla abo okugwamandela ngoba bona bengabafundisi. Ngiyathokoza.
UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO EPHAKEME NOKUQEQESHA: Lungu elihloniphekile uMageba, kuzokhumbuleka ukuthi kungekudala sike saba nengqungquthela kaZwelonke yeZemfundo Ephakeme, ebesihlanganise kuyona yonke imikhakha, amaNyuvesi, sibize abafundi, abasebenzi, abafundisi, nabaphathi bamaNyuvesi kanye namakolishi. Esinye sezinqumo esathathwa lapha okuyisona esibaluleke kakhulu, ake ngithi nje zimbili. Esokuqala, ngesokuthi izikhungo zethu Zemfundo Ephakeme kufanele zazi ukuthi umsebenzi wazo wokuqala ukwenza impilo yabafundi ukuthi ibe lula uma befunda. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The MINISTER OF HIGHER EDUCATION AND TRAINING: Thank you, hon Mahlangu, Chairperson of this august House, and thank you too, hon Gamede, for asking this question. The response is that the government does grant bursaries to assist needy students who want to further their studies by attending a college.
All, the students who attend classes at the technical colleges also receive bursaries that are granted by the Department of Higher Education and Training. But we expect a student to show commitment to his or her studies by passing all the subjects that he or she has registered for so that he or she can receive another bursary to further his or her studies.
The Department of Higher Education and Training usually grants bursaries to needy students. The colleges are tasked with identifying students who qualify to receive these bursaries. Any student can receive these bursaries, irrespective of which college they are registered with. In that way, students who live in areas like Gingindlovu, Nkandla, KwaMbonambi and Mnambithi and have registered at technical colleges can receive these bursaries granted by this department.
The proposed programme, which is aimed at students sending their applications to attend college to a central place, is not in place yet but we are working on it. We are certain that by the end of next year we will face that challenge. We set our deadline for the end of 2010, but there are so many issues that we need to address before we come to that point.
We really see a need for students to send their applications to a central place when they want to go to college or to university, rather than spending money by sending applications to different institutions. Another thing that causes this process to take longer is that each and every university and college has its own programmes to deal with what we refer to as information technology. This means that we need to ensure that all these computers are compatible with each other - that they can be connected to each other for us to be able to apply this programme.
Anyway, this is a good idea that is suggested by hon Gamede, which we will also keep a watchful eye on. As the Minister of Higher Education, I will work together with hon Motshekga to see how we can make this programme work properly. So we can consider using the same programme for schools to ensure that students also know about it and that they have access to this information. Thank you, Chairperson.