Hon Chairperson, hon Ministers, hon members, and distinguished guests ...
...Sihlalo, tshiyotshiyo. Lowo msindo, leyo nyoni ehaya ngayodwana. Lowo umkenenezo wezinyoni zizibongela kuKhongolose. Yinhlangano kaKhongolose kuphela enakekela imvelo nabantu bayo. Ngaphezu kokuba izindlavini abasebenzela isandla esinoboya behlulekile ukuvala umlomo noma ukubulala uKhongolose ngisho noma sebebulala amakhosi endabuko anjengenkosi uBhambatha kaMancinza, inkosi uMhlabunzima Maphumulo, inkosi uMbongeleni Zondi, onkabi abagcinanga lapho, amaqhinga abo abhuntshile ngokuzama ukubulala umntwana uZebulon Bhekizizwe Zulu owasinda kanye nomndeni wakhe esigamekweni kwaNongoma ngonyaka owendlule lapho abagaseli bagadla futhi baqhulula ngenqwaba yezinhlamvu emotweni abebehamba ngayo.
Ngalokho ke thina singuKhongolose siyafunga siyagomela futhi siyazibophezela ukuthi sizoqhubeka ngomgangatho wokuguqula, ukuletha impilo engcono, ukuxosha indlala kanye nokuvikela imvelo nabantu. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[...Chairperson, tweet! tweet! That's the sound of a bird singing praises alone. That's the sound of the birds singing their praises to the African National Congress. The ANC is the only organisation that looks after the environment and the people. The rebels involved in covert operations failed to ban or to destroy the ANC even when they killed the traditional leaders such as Bhambatha the son of Mancinza, Chief Mhlabunzima Maphumulo, and Chief Mbongeleni Zondi. These rebels did not stop there; their plans failed when they tried to kill Prince Zebulon Bhekizizwe Zulu who, together with his family, survived an incident in Nongoma last year in which his attackers fired a hail of bullets at the car in which he was travelling.
As the ANC we vow that we will continue with the campaign to change, to ensure a better life, to alleviate hunger and to protect the environment and the people.]