Order, order! Hon Gunda, could you please bring that paper here. [Laughter.]
Hon Gunda, I gave you an order. Continue, hon Zulu.
UMntwana M M M ZULU: Phini likaNgqongqoshe ngonyaka odlule sishilo ukuthi uMmnyango wakho ubhekene nezinselele zokuthi ulinganise izilinganiso zezilimi zabomdabu kulelizwe ngendlela enokucophelela.
Siyazi-ke manje ukuthi sikhuluma nge-Fifa 2010 World cup, lapho kufanele sibonise ubuciko ngamaphimbo ethu ase-Afrika, kanye nezandla zethu njengabantu base-Afrika, nangendlela yethu yokugqoka. Akufanele nakancane senze ithuba kulelizwekazi lakithi laseNingizimi Afrika ne-Afrika yonke, lapho siyozithola khona sibeke abantu abacula njengabaculi baseMelika o- Luther Vandross. Ngoba labantu bangaphandle babheke ukuthi ngisho ukuthi, "Uyamemeza okaNdaba oyiNkosi yohlanga", uma belapha bezwe kahle ukuthi base- Afrika.
Ngithi ngicela kinina ukuthi lezi zimili zethu nizifakele imali ngobuningi bayo. Lapho kwenziwa khona imisebenzi yezandla emakhaya, nifake imali ngobuningi bayo ezinhlelweni zenu zoMnyango. Ngiyezwa umhlonishwa uthi imitapo yolwazi ikhona - futhi kuyiqiniso lokho. Kodwa ngicabanga ingane ehlala oSuthu izokhokha ama-R20 iya kumtapowolwazi kwaNongoma, ihambe amakhilomitha amgama- 45.
Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu uzibheke izindawo zasemakhaya, ukuthi abantu bayakwazi yini ukusizakala kuzona. Ngoba uma sikhuluma ngemitapoyolwazi sikhuluma ngezinto ezikude nabantu nokuthi bafinyelele kuzo. Kodwa siyabonga ukuthi kukhona okwenzekayo okuya phambili. Ekwenzeni imisebenzi yezandla kufanele sikubheke njengoba noMongameli wezwe asho ukuthi lelizwe lethu linothe ngokwamasiko. Ngakho-ke kufanele sikubonakalise ngempela ukuthi izwe lethu linothe ngokwamasiko.
Ngiye ngizwe kuthiwa izwe lethu yi-Rainbow Nation, ngiye ngithi mina yisaladi elibhorayo lelo [it's a boring salad], ngoba nami ngingumZulu ngeke ngakuyeka ukuthi ngithi,"Uyamemeza okaNdaba uyiNkosi yoHlanga" [praise song revserved for royalty], ngoba yilokho engikholelwa kukho. Ngiyazi nowaseLesotho ngeke ayeke ukukhuluma lokho akukhulumayo kwasekhaya eLesotho, ngoba kuyinto yakhe naye akholelwa kuyo.
Ngiyamuzwa umhlonishwa uma ethi laphaya esifundazweni sikababomkhulu uMamongo KwaZulu-Natali, inkululeko ifike ngo-2004. Ngikhuluma ngokuthi abantu bakithi baKwaZulu-Natali babephethwe yinkungu yokuthi balwe bodwa, abanye bengafuni ukubuswa. Akuzona-ke izinto okufanele sizikhulume lezi, kufanele sibheke ukuthi siyaya yini phambili, siyasebenza yini.
Ngoba kufanele ngivume uma ungehlulile ukuthi ungehlilile, ungibuse okwaleso sikhathi. Kodwa, uma ngizophikisana nawe ukuthi ungibuse, kuba nenkinga enkulu. Lowo mqondo kufanele uphele ngoba intando yeningi isebenza ngezinombolo, nokuthi ubani osephethe lapho, bese ngimhlonipha, ngimethulele isigqoko, kwenziwe umsebenzi.
Ngaphandle kwami ongeke avuma ukubuswa - njengombusi womdabu. Kufanele ngishaye umthetho njalo futhi ngibheke ukuthi uhamba kanjani lowo mthetho. Kodwa-ke ngibheke ukuthi lowo mthetho awushayisani yini nowezwe lakithi.
IPHINI LIKASIHLALO WENDLU: Ngiyabonga Mntwana uZulu, kodwa khumbula ukuthi intando yeningi ithini mhlonishwa. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Prince M M M ZULU: Deputy Minister, last year we said that your department was facing challenges with regard to putting in a great deal of effort to ensure that African languages enjoy equal status in this country.
We are now shifting our focus to the 2010 Fifa World Cup, where we have to showcase our talent with our African voices, our crafts and the way we dress as African people. We must not afford people who sound like American singers such as Luther Vandross any opportunity to showcase their talent in our country and Africa as a whole. When foreigners are here they expect to hear me say: "Uyamemeza okaNdaba uyiNkosi yoHlanga" [praise song reserved for royalty], so they can get a real feel of being in Africa. In your plans, as the department, I appeal to you to allocate as much funding as possible for African language development and to rural areas where there are artworks. The Minister said that there are libraries, and that is true, but I am thinking of a child who stays in Osuthu, who will have to pay R20 to travel 45 km to get to the library in Nongoma.
Government must monitor the rural areas to see if services are delivered. If we are talking about the libraries, we are talking about the things that are too far from them and that they cannot reach easily. We are grateful though that there is some progress. Artworks must be appreciated - as the President said, this country is culturally wealthy. Therefore, we must really show that indeed our country is culturally wealthy.
Our country is a rainbow nation, but I normally say it is a boring salad because as a Zulu man, I will never stop singing: "Uyamemeza okaNdaba oyiNkosi yoHlanga" [praise song reserved for royalty], because that is what I believe in. I know that a person from Lesotho is not going to stop speaking his or her language back in Lesotho, because it is what he or she believes in.
The hon member said in the province of His Excellency Mamongo, KwaZulu- Natal, that freedom came in 2004. I am talking about the fact that our people in KwaZulu-Natal were still in the dark in that they fight amongst themselves, as some did not want to be led. We should not talk about these things; we must see to it that we are moving forward, and that we are delivering.
I have to acknowledge defeat if I am defeated, and you can govern me for that duration. But if I am going to fight against being governed then there is a big problem. That perception must be ended because democracy works with figures, and who is governing there. I have to respect and salute that person and we must get the work done.
Besides not wanting to be governed, as a traditional leader I must pass legislation every time and monitor how that legislation is received. But I must make sure that that legislation does not clash with the laws of our country.