Sihlalo ngiyabonga kakhulu. Ngizoqala ngiphendule umhlonishwa ubab'uZulu kule nkulumo agcine ngayo khona manje - ukuthi kungamampunge lokhu aqeda kukukhuluma - ukuthi inkululeko yayikhona KwaZulu ngaphambi konyaka ka 2004.
Kwathi angabona uKhongolose ukuthi babusa ngegqudu walanda amavolontiya kanye namadelakufa eGauteng naseMpumalanga. Ngangingomunye walabo abazinikelela ukuthi siyogada amaphepha okuvota ngoba obekade kwenzeka ukuthi bekuvele kuvotwe bese kuyavalwa, ngemuva kokuba kubalwe bese beyawina.
Sathunyelwa ePiet Ritief, Olundi naseMahlabathini. Mina-ke, ngangiseMahlabathini mhlonishwa uZulu lapho kwakunenkinga yamabhokisi okuvota. Ngesikhathi sihamba ekuseni ngehora lesihlanu ngelanga elilandelayo, sesivotile, uKhongolose wabe esehamba phambili. Sathi sifika eGoli, iKwaZulu-Natali yase iyitholile inkululeko. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms B V MNCUBE: Chairperson, thank you very much. I will start by responding to the statement that hon Zulu has just made. What he has just said amounts to pure lies, namely that there was freedom in KwaZulu-Natal before 2004.
After realising that they were reigning with an iron fist, the ANC called upon the volunteers and daredevils from Gauteng and Mpumalanga. I was one of those who had offered themselves to guard the ballot papers because what was happening was that after the voting process was completed they used to close the voting station, count the votes and then win the province.
We were deployed in Piet Retief, Ulundi and Mahlabathini. I was in Mahlabathini, hon Zulu, where there were problems with regard to ballot boxes. By the time we left that voting station the following morning, after we had voted, the ANC was far ahead with votes. And by the time we reached Johannesburg, KwaZulu-Natal had already achieved its freedom.]