Hon member, please raise your voice.
UMntwana M M M ZULU: Ngeke ngisakubala okuningi ngoba ushilo uku thi inkohlakalo uzoyehlisa kanjani eMnyangweni wakho. Lokho kuyabongeka ngoba yizimali zomphakathi lezi okufanele zibe nokuvikeleka. Ngakho alikho izwe eliphumelelayo uma linenkohlakalo.
Lokhu siyakubonga, yingakho siyiqembu le-IFP siseseka lesi sabiwomali ukuze ukwazi ukubhekana nezinselele ezibhekene nezwe lethu. Nokuthi ubheke lawo madolobhana amancane analezo zitokisi, ukuze kubhekisiswe kahle ukuthi kuzokwenziwa kanjani ngalezi zingane eziboshwa zihlanganiswe nabantu abadala, bese bezigila yonke imikhuba.
Ngiyazi ukuthi uMnyango Wezobulungiswa yiwona Mnyango oyisikhumba sethu sokwembatha ngoba uphethe Umthethosisekelo wezwe. Kufanele ubheke ukuthi lezi zinto zihamba kahle yini. Nokusheshiswa kwezidingo zokuba kugwetshwe labo bantu abanamacala, kuthet hwe amacala abo ngokukhulu ukushesha ukuze kubonakale abantu bengahlali kakhulu emajele. Ngoba lokho kudla kakhulu imali kahulumeni, uma uMnyango Wezobulungiswa ungakwazi ukubhekana nezinselele ezikhona.
Njengoba sikhuluma ngo-2010 - igugu elikhulu lethu njengabantu baseNingizimu Afrika, kufanele sibheke njengoba kuzobe kukhona izihambi ukuthi singaphoxeki, ngoba phela ubugebengu sibuye sibenabo ngenxa yendlala. Izinkantolo lezo uNgqongqoshe ayethe zizosungulwa, mazisungulwe ngokushesha ukuze kushushiswe labantu abazobe benza okuphambene nomthetho kulelizwe lakithi.
Bese sibheka ukungaxhumani kahle koPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke njengoba uNgqongqoshe ebeseke wakusho ukuthi ubudlelwane phakathi kwalawa mahhovisi womabili abubuhle kahle. Mhlonishwa Khabazela, kufanele niqinisekise ukuthi lezi zinto ziyancishiswa ukuze sikwazi ukusebenza ndawonye, ngoba ngeke sivume ukuthi iMinyango izenzele noma yikanjani ngaphandle kokulawulwa yinina. Nina nibekiwe njengosombusazwe ukuthi neluse futhi niqinisekise ukuthi ubudlelwane buhamba ngendlela. Njenge-IFP siyazesekela zombili lezi zabiwomali zeMinyango yomibili. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Prince M M M ZULU: I will no longer mention everything because you did say how you intend reducing corruption in your department. We applaud that, because it is the taxpayer's money that needs to be protected. No country succeeds when corruption is rife. As the IFP we applaud this, which is why we support this Budget Vote. It will assist the department in dealing with the challenges facing our country; as well as revisiting the issue of small towns with small prisons, so that we can look at what will be done with regard to the young people who are arrested and put in the same cells as older people, who abuse them in many ways.
I know that the Department of Justice and Constitutional Development is the department we can rely on because it upholds the Constitution of our country. It must see whether or not these things are on the right track - the speeding up of the processes to convict guilty people, to get their cases heard quickly so that people do not spend too much time in prison. If the Department of Justice and Constitutional Development fails to deal with the challenges, it wastes more government funds.
As we are talking about 2010 and since there will be visitors, our great pride as the people of South Africa will be to ensure that we are not humiliated because of crime, which is perpetuated by poverty. The courts, that the Minister said will be established must be established quickly so that those who will be transgressing the law in this country will be prosecuted.
The issue of the National Prosecuting Authority must be revisited since the Minister has mentioned before that the relationship between these two offices is not in harmony. Hon Mkhize, you must make sure that these things are reduced so we are able to work together, because we cannot let the departments do as they please and not be administered by you. As the ruling party you are expected to steer and make sure that the relationship is pleasant. As the IFP we support the Budget Votes of both departments. Thank you.]