Sihlalo, neNdlu ehloniphekile, mhlonishwa neSekela likaNgqongqoshe, namalungu ahloniphekile, ngithi asibonge kakhulu umsebenzi owenziwa amasosha okugcina uxolo ngaphandle kwezwe nangokusebenzisana kwawo ne-African Union kanye ne-United Nations.
Thina njengabantu balapha eNingizimu Afrika sikubonga kakhulu ukusebenzisana kwamasosha aseNingizimu Afrika kanye nabanye ukudala uxolo emzini nasezindaweni lapho lwalungekho khona uxolo ukuze kube khona intando yeningi kanye nokuphilisana kwabantu. [Fundamental human rights].
Izinga lokulolongwa kwamasosha alapha kubukeka kusezingeni eliphezulu kakhulu. Siyakuthokozela thina ukubona izintokazi nezinsizwa zizimisela emsebenzini wazo ukuvikela izwe lazo nabantu bakubo ezweni labo ukulandela umkhankaso u-Kgwele, lo mkhankaso wokusivikela thina nale nendebe ezayo, yalomdlalo omkhulu. Siyakuthokozela ukuthi kube khona inkece yokulekelela ukuze abantu bakwazi ukusiza.
Nalaba abasebenza emanzini, siyakuthokozela ukuthi bawenze umsebenzi wabo ukuze bakwazi ukuvimba laba bantu abafuna ukweba izinto ezingamagugu ethu ezihlala emanzini. Futhi siyathokoza uma nalaba abasemoyeni besebenzisa amahora abo okundiza ukuze baqinisekise ukuthi sivikelekile lapha ezweni lethu iNingizimu Afrika. Ngoba kusemqoka ukuthi sivikeleke thina zakhamizi zalapha eNingizimu Afrika.
Okwesithathu siyakuthokozela thina beNkatha yeNkululeko ukuthi umhlonishwa useze wawuvula uMnyango wokubhekana namasosha lawo okwakukade eyibambile, lapha kubalwa lawo asekhululiwe nalawo akade engakhululekile kahle - engenazo izindlela zokuphila. Kodwa sicela ukuthi awuhlukanise lo Mnyango ube kabili ukuze bakwazi ukucosha okubafanele. Siyakuthokozela futhi lokho okushiwo wumhlonioshwa namhlanje ukuthi bazokwazi ukucosha yonke into abafanele ukuyicosha ukuze bakwazi ukuthi baziphilise bona nezingane zabo ngoba balilwele lelizwe ngalokho-ke kufanele ukuthi bakucoshe lokho okubafanele.
Kuyisifiso sethu-ke thina njengeqembu leNkatha yeNkululeko ukuthi siqinisekise ukuthi umhlonishwa enze isiqiniseko sokuthi nabangekho kulolu hlelo babekhona ukuze bakwazi ukucosha konke lokhu okufanele ukucosheka - kungacoshwa abathile kuphela kuthi abathile bangakucoshi.
Sikuthokozela kakhulu ukusebenza kwe-Landward Defence ngoba iyimizamo yokuthi kuvinjwe ngakho konke ukungena kwabantu ngokungemthetho lapha ezweni. Futhi ilekelela ikakhulukazi amaphoyisa alapha eNingizimu Afrika ngoba anomthwalo nomsebenzi omkhulu wokuthi abhekane nokuphepha kwabantu lapha ngaphakathi ezweni. Nawo asehuduleke ngapha nangapha, kuguga amajazi eya le nale kodwa kungcono ngoba aseyalekeleleka ukuba kube khona abezokuvikela ukuba bakwazi ukugada emgceleni.
Ngakho-ke sicela ukuthi umhlonishwa akunakisise ukuthi konke loko kuyenzeka ukuthi atholakale emgceleni ngaso sonke isikhathi ukuze bakwazi ukuthi abantu bakithi bavikeleke. Laba abangafanele ukungena bangangeni lapha ezweni. Laba okufanele baphindiselwe emuva, baphindiselwe emuva kubo, ngoba banamakubo nathi sinamakithi.
Okokugcina mhlonishwa siphakamisa ukubonga ukuqashwa kwalaba abayi-4000 abaqashwe nje ngoJanuwari ukuthi bakwazi ukusebenza babhekisane umsebenzi, bakwazi ukukhulisa umsebenzi ikakhulukazi ukuvikela izwe. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson, this august House, hon Minister, your Deputy, and hon members, I am very grateful to the troops who are keeping peace outside the borders of the country and also grateful for their co-operation with the African Union and the United Nations.
We, the people of South Africa, are very thankful for the co-operation of the South African army and others in maintaining peace in the communities and in areas where it did not exist so that democracy and harmony amongst humanity could prevail.
It looks as if our army's level of training is very high. And we are grateful to see women and men committed to their work of protecting their country and its citizens in Operation Kgwele, the operation that is meant to protect us and the coming big event, the World Cup. We are also grateful that some funds were made available for people who will be helping in this regard.
We are also grateful to the navy for doing its work in that they are able to prevent people from poaching our precious marine assets. We are also grateful to the air force for using their flight hours to ensure that we are safe in our country, South Africa. It is important that we, the citizens of South Africa, are safe.
Thirdly, we, as the IFP, are grateful that the hon Minister has established a department that will look into the affairs of soldiers who have served in the army for a long time, which includes all those who are liberated and those who are actually not liberated - those who do not have other means of living. But we request that this department be divided into two so that these soldiers could be accorded what is rightfully theirs. We are grateful for what the hon Minister is saying today, that is that they will get the benefits which they are entitled to in order for them to make a living for themselves and their children, because they have fought for this country.
It is our wish, as the IFP, to ensure that the hon Minister ensures that even those who are not in this programme are included so that they too can get what they are entitled to - these benefits should not be accorded to some people and not others.
We are also very grateful for the implementation of the Landward Defence, because it is a means to prevent illegal immigrants from entering this country. It also particularly assists the South African police, because they have a very big task of ensuring people's safety in the country. They have been running from pillar to post, until their coats were worn out, but it is better now that they receive assistance from the army as it is now monitoring our borders.
We, therefore, request the hon Minister to ensure that all this happens and that the soldiers are always stationed at their posts on our borders so that our people are protected. People who are not supposed to enter our borders should not be inside. And those who are supposed to be repatriated should be sent back to their countries because they belong there and we belong here.
Lastly, hon Minister, we would like to express our appreciation in respect of the 4 000 individuals who were appointed in January to work with the army in developing the work of protecting the country.]
It is unfortunate that this department has received qualified audits for the last couple of years, apparently due to mismanagement by departmental staff in this area. We accordingly urge the Minister to co-operate with the Standing Committee on Public Accounts, Scopa, in these matters, because it reflects negatively on the department when it fails to rectify its shortcomings, as has been pointed out by Scopa. We are not blaming anybody, but we are saying that you, as the head of the department ...
... faka uswazi ukuze kukwazi ukulunga umsebenzi ukwazi ukuqonda ngqo phambili. Sengiphetha mhlonishwa ... [Isikhathi sesiphelile.] Ungakusho kanjani ngingakaqedi? [Uhleko.] [... should crack the whip so that things could go accordingly. In conclusion, hon Minister ... How can you say that because I am not done yet? [Laughter.] [Time expired.]]