Lastly, I want to ... Thank you. Lastly, I want the NCOP - Mr Bloem - to investigate the abuse of elderly persons, right now in the street outside Parliament. I believe that they are being abused by the system and the people within government. In addition, I would like to thank the NCOP for the opportunity to take part in this debate. I thank you. [Applause.]
UMntwana M M M ZULU: Sekela Sihlalo wale Ndlu, mama uMemela, mhlonishwa Ngqongqoshe nephini lakho kanye noNgqongqoshe Bezifundazwe zakithi. Bodadewethu uMnyango wenu ubhekene nezinselelo zokondla labo bantu abangakwazi ukuzondla ezweni lonke. Izinselelo okufanele nizibhekisise kahle ukuthi zihamba kanjani kulezi zifundazwe zethu eziyisishiyagalolunye. Kunezinto eziba yizinselelo ekwenzeni umsebenzi ekutheni uhambe kahle, njengokungabambisani kweMinyango kahulumeni, kanti uMthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi iMinyango kufanele ixhumane.
UMnyango wakho Ngqongqoshe wenza umsebenzi omkhulu wokuthi wondle izinkedama nezaguga zakithi kuleli lizwe lakithi. Kodwa uma uMnyango Wezasekhaya uhambela ekudeni, ungakwazi ukusondela eduze koMnyango wakho, abantu bakithi njengezingane zethu ezizala izingane zingenabo ngisho omazisi ziba nenkinga yokuthola izibonelelo zikahulumeni ezisuke zikhishwa uMnyango wakho Ngqongqoshe.
Ngiyacela ukuthi nihlangane ninonke njengoNgqongqoshe uma nibamba imihlangano emincane eniyibambayo, nikwazi ukuthi nithathe iMinyango yenu nenze uhlelo lokusiza umphakathi. Nisebenzisane niyiMinyango kahulumeni,isibonelo, uMnyango Wezefundo, uMnyango Wezasekhaya, uMnyango Wezenhlalakahle, niphinde nivakashele izikole zethu ndawonye. Ngiyawubonga umsebenzi eniwenzayo wokuthi nehlise izinga lokulamba ezinganeni zakithi nakomama bethu emakhaya.
Ngimangazwa ukuthi ninezinselelo enibhekene nazo ezifundisweni zakithi ezifana nosonhlalakahle. Akubona-ke kodwa osonhlalakahle kuphela abangenza lo msebenzi uphumelele, ngisho nabantu abenza umsebenzi wasemahhovisi nabo bangabantu okufanele nibheke emkhakheni wabo ukuthi niyakwazi yini ukufaka isandla kubo, bakwazi ukufunda ngoba yonke leMinyango izosebenzisana kahle uma kukhona abantu abafundile.
Enye inselelo onayo eMnyangweni wakho ukuthi Umnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo kufuneka ubheke ukuthi imiyalelo yenkantolo yokuthi kusizakale izingane ngokushesha iyenzeka yini ezinkantolo, yizo zonke izinselelo ezibhekene nalo Mnyango. Okokugcina bese niba nendlela yokuhlola u-SASSA kuzwelonke ukuthi usebenza kahle yini njengesikhungo. Siyi-IFP siyasesekela isabelomali sanamhlanje, Nkosikazi. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Deputy Chairperson of the House, hon Memela, hon Minister and your Deputy and MECs, and hon colleagues, this department is faced with the challenge of feeding all those people of this country who cannot feed themselves. You must carefully look at the direction that this challenge is taking in all our nine provinces. There are things that become obstacles when one is doing one's job; they are issues like the non collaboration of state departments although the Constitution clearly states that the state departments should work together.
Your department, hon Minister, is doing a great job of feeding the orphans and the aged of our country. But if the Department of Home Affairs operates separately from your department, and cannot operate closer to your department, our people - I mean our children who bear children without having any form of identity - encounter problems when they try to acquire government grants that are issued by your department, hon Minister.
I request that you hold brief meetings as Ministers so that you are able to draw up a programme across your departments that will play a role in assisting the communities. You need to work together as the state departments. For example, the Departments of Education, Home Affairs and Social Development should work together and also visit our schools together. I am grateful for the work you are doing in eradicating poverty in respect of our children and our mothers back home.
I am surprised that you encounter problems from our learned people like the social workers. But it is not only the social workers who can make this work a success; you also need to look at the level of education of office administrators and see if there is anything that you need to do to enable them to study because all these departments would work well together if they had educated people in office.
Another challenge that is facing your department is that the Department of Justice and Constitutional Development needs to see if court orders that call for children to receive assistance in time are carried out. These are all the challenges facing your department. Lastly, you need to have means to investigate how the SA Social Security Agency, Sassa, operates as a structure. As the IFP we support today's Budget Vote, Madam. Thank you.]