Deputy Chairperson, I would like to know how the government ensures that these documents the foreigners bring are genuine and that the people who are presenting them are the rightful owners of these documents and certificates. I'm asking this because the foreigners bring and present fraudulent documents.]
USEKELA NGQONGQOSHE WEZASEKHAYA : Mhlonishwa, Sotswebhu oMkhulu, abantu abafaka izicelo zokuthi bazosebenza la eNingizimu Afrika uma befaka izicelo zokuvunyelwa ngokwalolu hlelo lwamakhono angavamile naswelekile, siyaye sizicubungule izicelo zabo nemibhalo abasinikeza yona, ukusukela ezweni lapha umuntu efaka isicelo khona ukuze kuzofinyelela kule nkampani emqashayo azoyisebenzela.
Uma siluqala lolu hlelo sasisebenza nezinkampani ezinhlanu ezinkulu, okuyizona ezaziletha le mininingwane kithi, ukuze sikwazi ukuyicubungula. Saluhlola lolu hlelo ukuthi luzosebenza ngendlela efanelekile yini. Emva kwalokho sabe sesilenyusa inani lalezi zinkampani.
Sinesiqiniseko njengamanje ukuthi uhlelo esilusebenzisayo lusebenza ngendlela efanelekile. Kodwa kuzothi ngokuqala kwenyanga kaMeyi kuwo lo nyaka esikuwo bese sisebenzisa olunye uhlelo - lapho sizobe sisebenzisa izinkampani ezizimele ukuselekelela ukucubungula izicelo nemibhalo efakwa abantu abafisa ukusebenza nokuzovula amabhizinisi kuleli lizwe. Loku esizokubiza nge-Visa outsourcing, okuzokwelekelela emazweni lawa amakhulu njengo-India, oChina noNigeria sikwazi ukusheshisa ukucubungula imibhalo yezicelo zabantu abafisa ukuza ezweni lethu.
Lolu hlelo luzoqala ukusebenza kuwo lawa mazwe amathathu esengiwabalile, bese kuthi uma silubona ukuthi lusebenza kahle, silwenyusele nakwamanye amazwe. Lokho kuzoselekelela ukuthi sisheshise ukunikeza abantu abafanelekile ama-Visa okuthi bakwazi ukuzosebenza eNingizimu Afrika, njengoba kunesikhalo esikhulu sokuthi uMnyango wethu uyaye ikakhulukazi ubabambezele osomabhizinisi, nalabo abanamakhono aswelekile ezweni lethu uma befaka izicelo zokuthi beze ezweni lethu. Lolu hlelo luzosilekelela kakhulu, luyindlela esithuthukisa ngayo izinqubo esizisebenzisayo eMnyangweni. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The DEPUTY MINISTER OF HOME AFFAIRS: Hon Chief Whip, when people who send applications to work in South Africa apply for permits through this programme of exceptional and scarce skills, we normally scrutinise their applications and the documents they submit from the country of origin to the company that they are going to work for.
When we started this programme we were working with five big companies, which provided us with this information so that we could scrutinise it. We tested this programme to see if it was going to work properly. After that we increased the number of companies.
We are now certain that the programme we are using is working properly. However, at the beginning of May this year, we will be using another programme. We will be using private companies to assist us in checking the applications and the documents that are submitted by the people who wish to work here or have their businesses in this country. This will be called visa outsourcing, which will assist in respect of big countries like India, China and Nigeria so that we will be able to speed up the process of checking the applications and documents of those who wish to work in our country.
This programme will be utilised in the aforementioned countries, and then if we see that it is working properly, we will take it to other countries too. This programme will assist us in expediting the process of granting visas to people who qualify for them. There is a complaint that our department hinders especially businesspeople and those with scarce skills when they apply for permits to come to our country. This programme will assist us a lot; it is our mechanism of developing the policies that we are using in the department. I thank you.]