Thanks for your speech, hon member. When I ring these bells I do it with great respect for the MECs to indicate that their time has expired!
UMntwana M M M ZULU: Mphathisihlalo, mhlonishwa Mabhoko, mhlonishwa uNgqongqoshe okhona lapha weMfundo yamaBanga aPhansi, abahlonishwa abangoNgqongqoshe beziFundazwe abaqhamuka eziFundazweni zezwe lethu ezahlukene. Mhlonishwa Sihlalo kufuneka ngiyibongele le Ndlu ngoba wakwazi ukuba usihole kahle ukuze kukwazi ukuthi nathi kuleli lizwe lakithi sixoxe ngezinto ezibalulekile ezisezintsha futhi kithina, ngenxa yalokho nje ngithi kuwe, Mabhoko!
UMthethosisekelo wethu wezwe ukubala njengelungelo lokuqala ukuba wonke umuntu abe nokukwazi ukuthi afunde ezikoleni zezwe lethu. Yize-ke noma umuntu ehlezi ebhentshini labaphikisayo, kodwa kunezinto eziyiqiniso ongeke waziphikisa njengokuthi nje kukhulu okuzanywayo ukuba kwenziwe kuleli lizwe kodwa kufuneka sibambisane sonke njengabantu abakhethiwe kuleli lizwe ukuba sime ndawonye sisebenze sifuqe lonke lolu donga olwakhiwa wubandlululo kuleli lizwe lakithi,ukuze siqede isifo sokungazi. Njengomuntu omele elinye lamaqembu akuleli lizwe, abantu abamnyama, ngazi kahle kamhlophe ukuthi imfundo yabantu abamnyama yayisibulala kangakanani ukuze singabi nalo ulwazi.Umuntu ofundile lapha eNyuvesi yakwaZulu Ongoye -kade esho umhlonishwa ukuthi badume ngokuba uma benza udlame babulale yonke into - wayephuma neZiqu engazi nokuthi angenzani ethembele ukuthi kufuneka ahambe ayofuna umsebenzi, kanti kufuneka ukuthi uma uphuma esikhungweni semfundo ephakeme, ukwazi ukuzisiza wena uqobo, ungathembele ekutheni uyosizwa uhulumeni kuphela.
Kufanele sibonge ukuthi uhulumeni wethu uzamile ngoba bheka nje, uNgqongqoshe wethu kuleli sonto eledlule, ngoLwesithathu wabele lo Mnyango wethu wezeMfundo izigidigidi ezingama-R165 kulo nyaka wezimali ukuze ukwazi ukusiza abantu abakithi. Sengishesha nje ngoba isikhathi asisekho, kunezikole zasemakhaya la engizalwa khona, emakhaya 'ezilalini' ngesiXhosa, angazi-ke ngezinye izilimi lapho abantu bakhona besahlupheke kakhulu ngoba asinayo ngisho imitapoyolwazi ezikoleni zethu. Yize noma sekukhona izikole lapho sekufundiswa izinto ezinjengokushisela nokunye kodwa asikwazi ukuthi sibe semazingeni aphezulu njengezinye izikole ngenxa yokuswela ulwazi.
Okunye yizinkalo ezihanjwa yizingane zethu bakithi; izingane zethu zize zihambe zilala yonke imigwaqo le ngoba zihamba amakhilomitha angaphezu kwayishumi nantathu ngezinyawo ziya ezikoleni. Kuyobangcono ukuba Ngqongqoshe izifundazwe lezi ukwazi uzelusalusa ngoba azizimele ukuze wazi ukuthi zenzani ukusiza ukuthi izikole zibe seduze kwabantu bakithi
Kuleli lizwe lethu kufuneka futhi siwabhekisise amanyuvesi ethu lawa, sibheke nabahlohli bakhona nokuthi yini balahlele laphaya ekudeni izingane zethu uma zizama ukungena emanyuvesi. Phela uma zifika nezifundo zoLwazi Lwempilo zithathwa njengento engekho nje, noma ngabe isitifiketi sengane siyayivumela ukuba ingene enyuvesi kodwa uma kubalwa amaphuzu okungena enyuvesi lawa Ulwazi Lwempilo akabalwa nhlobo. Yizo zonke Ngqongqoshe izinto okufanele nizibheke ukuze sikwazi ukuthi sigqugquzele konke lokho esikumele thina njengabantu abamnyama baleli lizwe ukuze izwe lethu liye phambili.
Mhlonishwa Mabhoko,ngibonga kakhulu ukuba umuntu acoshe leli thuba ngoba uma ngizoma lapha ngithi ngizophikisa, ngabe ngenza ihlazo nje ezweni ngoba ihlazo akufuneki lenziwe ezweni.[Ihlombe.](Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson, hon Mabhoko, hon Minister of Basic Education present here today, hon Ministers from the different provinces of our country; hon Chair, I must commend you on behalf of this House because you managed to lead us well, which enabled us to discuss the important matters of our country, which are still new to us. That is why I salute you by saying, Mabhoko!
Our country's Constitution states that access to education is a fundamental right. There are facts that opposition parties cannot deny with regard to what has been achieved in this country. But we have to work together as the elected so that we can stand together and eradicate the ravine that was caused by apartheid, and we must also eliminate ignorance. As a representative of one of this country's parties that represent black people, I know very well how Bantu education destroyed us and that we lack knowledge. Graduates from the University of Zululand - Ongoye, as the Minister mentioned - are well known for inciting violence and once they start they destroy everything and would graduate without the necessary skills, and his or her only hope would be to find employment. If you leave an institution of higher education you are supposed to be self-reliant and should not rely on the government to assist you. We must be grateful that our government has tried because our Minister allocated an amount of R165 billion to the Department of Education in this year's Budget Speech last Wednesday.
I'll be quick now because my time is running out. There are schools where I was born in the rural areas called "ezilalini" in isiXhosa - I don't know what they are called in other languages - where people are suffering immensely because we do not even have libraries in our schools. Even though there are schools where things like welding and other courses are offered, we are unable to reach the higher standard like other schools because of the lack of knowledge.
The distance our children have to walk is another issue. Our children end up sleeping along the way because they have to walk more than 13 kilometres to school. It would be better, Minister, if you could monitor these provinces, because they are not independent, so that you know what they are doing in order to assist with having schools nearer to our people.
Our country's universities also need to be scrutinised. Check their assessors and why they do not consider our children when they apply for admission to these universities. Subjects like life orientation are not considered, even if the child's certificate shows a university entrance. Life orientation points are not considered at all when they calculate entrance points. Minister, these are all issues that need to be addressed. And we should encourage all those whom we are representing as black people of this country in order for them to advance.
Hon Mabhoko, thank you very much for giving me this opportunity. If I could stand here to oppose, I would be a disgrace to this country because we do not need that in this country. [Applause.]]