May I just say it straight: I am not going to withdraw. It's unfortunate that I understand the language you used. Please, let's not argue unnecessarily.
UMntwana M M M ZULU: Mphathi Sihlalo, Mhlonishwa Ngqongqoshe mama uSibiya, amalungu aleNdlu ahloniphekile, ngithi sesingakuthatha sithi sekungumlando nje ukuthi kube khona abanye abantu bakithi abanebala elinjengelami nekungelona elami abakwazi ukuhlukumeza izingane zabo kanye namakhosikazi abo emizini yabo.
Mina njengomuntu ozalelwe emasikweni ngamiswa phezulu kosikompilo lobuntu, ngiyaziqhelelanisa nabantu okuthiwa bakwazi ukulala nezingane zabo uqobo - uguqe ngamadolo phezu kwengane yakho ukhululeke sengathi usukhululeka kunina uqobo.
Siyaziqhelelanisa nomuntu wesilisa oshaya umuntu wesifazane ngoba siyazi ukuthi umuntu wesifazane akanawo amandla. Abantu besifazane sibazi njengomgogodla wezwe. Kodwa ngithi le mficane esikhona kuleli lizwe lethu, phela iqale ikakhulukazi kulezi zindawo zethu okuthiwa ngamadolobha. Ngoba- nje nangu umnewethu lapha uGamede angangifakazela lapho ngisuka khona angikaze ngizwe nayinye nje indoda kuthiwa ihubhe umuntu wesifazane ngenduku noma ngizwe kuthiwe indoda isivese yabamba ingane yayo yayikhomba emacansini imbala. Asikwazi lokho, yinto eqhelelene kakhulu nathi leyo.
Bese ngibuyela kuleli siko lokuthwala, yilona futhi elihlukumeza kakhulu. Akufuneki ukuthi uma abantu benza imikhuba yabo bese becasha ngosiko. Kwelakithi ukuthwala, dadewethu Ngqongqoshe wukuthi uma ngithandana nentombi ngingayishadi kuze kugane zonke izintombi ezaziqome kanye nayo; ibisingala iye kwelinye isoka kungekhona ukuthi ayisangifuni kodwa kungukuthi ifuna ukugana. Kuyaye kuthi uma senginazo izinkomo ngizohamba ngiyoyithwala ngoba kwakuyintombi yami. Hhayi uvele usukele ingane uyithathe uyoyinikeza omunye umuntu.
Usiko lokuganiselana dadewethu linje, kukhona ukubona ukuthi kwaGamede izinkomo zikhona bese ngibiza izingane zami ngithi nayi indoda uGamede. Kithi ekhaya kwafika uJenene uHolomisa ehamba neNkosi yamaHahabe uSandile, bafika ngonyaka ka-1988 bezofunela uSandile umfazi. Samnikeza udadewethu ukuze amgane hhayi ngoba emthwalile. Savele sathi nayi indoda. Wahamba wayogana, basahlezi ndawonye namanje. Uma ubuka unyaka ka -1988 kuze kube manje miningi kabi leyo minyaka. Hhayi lento yokuthwala.
Engicabanga ukuthi sisonke njengabantu abamele abantu kufuneka sizibophezele ndawonye ukuba sifundise abantu bakithi ukuthi kunjani ukuziphatha, ngoba manje silahlekelwe ukuziphatha, salahlekelwa nawunembeza. Inkinga enkulu isemalokishini ikakhulukazi lapho kwenzeka khona zonke lezi zinto. Emakhaya ayenzeki lento. Ngibonge Sihlalo. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson, hon Minister Mama Sibiya and hon members of this House, it is becoming the norm that some of our people, who are of the same skin colour as I am, as well as others who are of a different skin colour, are abusing their children and their wives in their homes.
As someone who was brought up with the culture of ubuntu, I distance myself from those people who are said to be sleeping with their own children - imagine yourself being on top of your own child doing it until you come as if you are doing it with his or her mother.
We distance ourselves from a man who beats a woman because we know that women do not have the strength to fight men. We know women as the backbone of the nation. But this trend that is now emerging in our country started particularly in our cities. My brother here, hon Gamede, can bear witness that where I come from we have never heard of even one man who has ever beaten a woman with a stick or of a man who had just grabbed his child and demanded sex. We are not familiar with that; it is something that is really foreign to us.
And going back to the culture of abducting a woman against her will, which is the most abusive one, I want to say that it is not right for people to hide behind culture when they want to indulge in their immoral acts. Where I come from, the culture of abducting a woman against her will, my sister hon Minister, means that if I am dating a lady and I do not marry her until all the other ladies who dated their boyfriends at the same time as her have been married, she leaves me and dates somebody else not because she does not love me anymore but because she wants marriage.
My sister, the culture of arranged marriages can be explained like this: When a father is aware that Mr Gamede owns a herd of cattle, he would then call his children and tell them about Mr Gamede who is a potential husband. Gen Holomisa came to my father's homestead in 1988; he was in the company of Inkosi of the Rharhabe clan, Sandile; they came to find a wife for Sandile. We then offered that he could marry my sister, but not because he had abducted her. We just told her that we had a husband for her. She married him and they are still together, even today. If you count back to 1988, that is a very long time. And it had nothing to do with this abduction issue.
I think that all of us as the representatives of the people need to commit ourselves to teaching our people about morals because we have lost our morality as well as our conscience. The biggest problem is particularly in the townships, because that is where all these things occur. Such things do not happen in the rural areas. Thank you, Chairperson.]