Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile, ngize lapha ukuzosekela igama Lomvikeli Womphakathi uNkosazana Thulisile Nomkhosi Madonsela. Yigama leli elivunywe yiwo wonke amaqembu ngokufanayo esingazange sibange nokubanga kukona.
Kuyaqala ukuthi sibonge kuwena Sihlalo, njengoSihlalo waleli komiti ukuthi uwenze kahle umsebenzi, futhi waziphatha kahle. Sengathi ungakhula - ukhule uzukhokhobe. Kuthi nalabo abakusizayo... [Ihlombe.] ... kahleni ukukhwahla kahleni ukukhwahla, nizongiqedela isikhathi. Kuthi nalabo abakusizayo bakusize njalo ukuze ikusasa lethu likwazi ukuqhakaza ngoba usemncane.
Ukuze nale Ndlu ikwazi ukuhlonipheka kusasa, sithi uma senza into yezwe singaphikisani size siyolala khona kodwa sazi ukuthi sisebenzela izwe sisheshe sivumelane entweni ehlakaniphile. Ngiyathokoza kakhulu. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson, and this august House, I am here to support the nomination of Ms Thulisile Nomkhosi Madonsela as the new Public Protector. This nomination was supported by all the parties without any objections.
Chairperson, it is the first time that we thank you as the chairperson of this committee for doing your job well and for behaving yourself. May you grow and live long. And to those who are assisting you ... [Applause.] Do not applaud yet, for you will take up my time. And to those who are assisting you, may they always do it so that our future can be bright since you are still young.
That would enable this House to be respected in future. When we serve the country, we should not argue until the cows come home, but we should know that we are serving our country and we need to agree quickly on any sensible issue. Thank you very much. [Applause.]]