Ngqongqoshe ohloniphekile, Nyambose, ngiyazibonga izimpendulo engizitholayo kodwa-ke ziyangenelisa futhi ngithemba ukuthi nemiphakathi yakulezindawo iyaneliseka yilezi zimpendulo. Engifuna ukukwazi ukuthi UNgqongqoshe angakwazi ukusinikeza nini izimali njengoba sesizokwakhiwa isiteshi samaphoyisa lapha eNkandla, kanjalo nomahamba nendlwane oDondotha naseGingindlovu. Lezimali zingahle zitholakale nini, kulonyaka olandelayo noma kuwo lo esikuwo? (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D D GAMEDE: Hon Minister, Nyambose, thank you for your replies; they are satisfactory and I hope the communities of these places are satisfied with these replies as well.
What I would like to know though is, when are we going to receive these monies since we are going to start building a police station at Nkandla, and up satellite police stations at Dondotha and Gingindlovu? Are we going to get that money this year or next year?]