Deputy Chairperson, hon members of this House, on behalf of the IFP we fully support Budget Vote No 2 in your administration, sir.
Bese kuba nezinto ezithile engifuna ukuzibalula njengendoda yaKwaZulu- Natali, ethunywe abantu baKwaZulu-Natali. Ngithi, umzabalazo uliwe waqedwa manje sekufanele sisebenzele abantu bakithi ukuze kuzuze bona. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[And there are other things that I need to mention as a man from KwaZulu- Natal, who is representing the people of KwaZulu-Natal. I am saying that the struggle for democracy is over now and we need to work for our people so that it is them who benefit.]
My great-grandfather King Dinizulu ...
... kwakuyisiboshwa sase St Helena khona lapha e-Western Cape. Uyise omkhulu, ubaba wakhe aphuma okhalweni lwakhe, uCetshwayo wagxoba khona lapho ehlukunyezwa ngamaNgisi. Kusho ukuthi wonke-ke umuntu omnyama wangaleso sikhathi wayegqilazekile, waze wakhululeka-ke ngo 1994. Impilo yentandoyeningi- njengoba ngike ngasho izolo ukuthi noma ngabe yiliphi iqembu kufanele kubekhona lapho liphikiswa khona. Ngakho-ke asingakuthathi njengecala kodwa sikuthathe njengento enempilo. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[... was a prisoner at St Helena here in the Western Cape. His grandfather, his paternal grandfather, Cetshwayo, also walked this place when he was harassed by the English people. And this means that every black person at that time was persecuted and was only freed in 1994. Democracy - as I mentioned yesterday - means that any political party may be opposed on certain issues. Therefore, we should not consider it as an offence, but as a healthy excercise.]
It is a healthy democracy ...
... ukuthi kubekhona lokhu okubizwa ngokuthiwa yi-opposition ngoba sisuke sigadiwe ukuthi singenzi iphutha. Akufuneki ukuthi senze into ecishe yenzeka eZimbabwe - ukube akwenzekanga lokhu. Kufuneka senze impilo yethu iphile njengabantu - sisebenzele abantu. Thina-ke njengoba sithunywe yizifundazwe nje ngakho-ke kufanele sisebenzele ukuthuthukisa izifundazwe zethu ukuze abantu bakithi bazuze. Futhi sixhasane njengendlu emnyama - singashayani kakhulu ezintweni ezithile. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[... where we have the opposition, because democracy guides us so as not to commit mistakes. We must guard against what nearly happened in Zimbabwe - if it did not happen already. We need to live like human beings - and serve our people. We, as the delegates from the provinces, need to work towards the development of our provinces so that our people can benefit. We must also support each other as black people - and not trash each other on certain issues. Thank you. [Applause.]]