UMPHATHISWA WAMAPOLISA: Mphathisihlalo, oNgqongqoshe abakhona la, oSekela Ngqongqoshe, malunga ahloniphekileyo, abaphathi boMnyango wembokodo ebovu, mphakathi kanye namaqabane. Ake ngiqale ngihalalisele laba abasigqugquzele umdlalo womhlaba ngempumelelo abasingathe ngayo imidlalo yeNdebe-ye- Confederation. Siphinde futhi sethulele isigqoko iBafana-Bafana kanye nomlolongi wabo uSantana ngebhola elihle abalidlalile kulomqhudelwano ikakhulukazi umdlalo wabo ne-Brazil. Kodwa lapho ebesibonise amandla kakhulu wumdlalo wabo ebebe wudlala nezingqwele zomhlaba i-Spain. Sithi niyibekile induku ebandla Bafana. [Ihlombe.]