Sihlalo weNdlu, Mhlonishwa Nxamalala, Zuma, mnawami Sekela Ngqongqoshe Gigaba, Mphathi kanye nabasebenzi boMnyango, uNgqongqoshe usekubeke kwacaca ukuthi lo Mnyango Wezasekhaya uyifa noma uyigugu lezwe lakithi eNingizimu Afrika. Ngithi noma nje ukhungethwe yizinkinga dadewethu nawe mnawami, kodwa uma kusetshenzwa ngokubambisana lokho kuzokwenza ukuthi nikwazi ukuhlanganyela izinkinga neziNhloko zalo Mnyango.
Ikakhulukazi ukungena nokuthululeka kwabantu bakwamanye amazwe noma nje kungabafowethu baseAfrika kodwa kufuneka kubekhona umkhawulo, singadlulwa yizwe elincane lasekhweni lethu eSwazini. Uma useSwazini uvakashile siyaye sinqunyelwe izinsuku eziyishumi nane kuphela, sibe sibheka ukuthi singakuphi lapho singakhona. Kwelakithi kukampunzi edla emini, bagcwele lonke le lizwe. Ngike ngathi ukuhambahamba ebusuku ngiyothakatha ngabafica bagcwele yonke indawo laba bantu engingabazi. [Uhleko.]
Ngqongqoshe, nawe Sekela Ngqongqoshe neziNhloko ngiyazi ukuthi kukhona imisebenzi eniqondene nayo. Lama khomishana akhona isibonelo nje, ikhomishani elibukene nokhetho kuthiwa uma ngiqondisisa lizimele kodwa loku kuzimela kuhamba kuhambe kube nomkhawulo ngoba nje kunezintela zethu kule lizwe abazisebenzisayo.
Nayo ke indlela engithi ngiyacela nje kuNgqongqoshe ukuthi niyibhekisise. Kufuneka nibheke ukuqashwa kwezikhulu ezikhundleni eziphezulu ngoba kukhona abantu abadala, engezukubasho ukuthi bawuhlobo luni lwenhlanga abanositandathi 2 omunye wabo unguMphathi Omkhulu Oyinhloko, (CEO) kuyo le nhlangano. Ezweni lenkululeko angeke sikumele ukuthi kungaba khona abantu abanjengalabo. Bese sibuya siya ezifundazweni eziyisishiyagalolunye lapho kusetshenzwa ngezindlela ezehlukene ngoba labaphathi bazitshela ukuthi bayoze bephume ngoba sethola umhlala phansi. Isib. njengoba nginamashumi amahlanu ngizophatha ngize ngibe no-65 ngiphethe ikhomishani lokhetho lapha eNtshonakoloni ngendlela engacacile kahle.
Ikhomishani lokhetho alingasebenzi sengathi umbuso. Kufuneka lisebenze phakathi komthetho nemiqathango yezwe lilandele imithetho eyenziwa yilezi ziNdlu zombili zePhalamende. Kufuneka nenze uphando ngalokhu. EMpumalanga kunezinto ezithile ezibambekayo la okuthiwa uMqondisi Omkhulu waqasha udadewabo emsebenzini. Lezinto azemukeleki ezweni lentando yeningi. Yilokhu engicela ukuthi nikubhekisise. Ngiyazi ukuthi uMnyango wakho mkhulu kangakanani. Nangu noSihlalo esengihlukumeza kodwa-ke wenza umsebenzi wakhe. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson of the House, hon Nxamalala Zuma, my brother Deputy Minister Gigaba, director-general and employees of the department, the Minister has said loudly and clearly that this Department of Home Affairs is the legacy or the treasure of our country, South Africa. I say even though it is beset by a lot of problems, my sister and my brother, if you work collaboratively that will enable you to share the problems with the authorities of this department.
With regard to the issue of the migration of foreigners into our country, though they are our brothers from Africa, there must be a limit. We must not be surpassed by a small country, which is our country-in-law, Swaziland. When we visit Swaziland, they give us only 14 days to do whatever we have come to do. In our country, people do as they please; they are all over this country. I took a walk one night, just patrolling, and I found these strangers all over the place. [Laughter.]
Minister, Deputy Minister and the authorities of the department, I know that you are responsible for certain duties. These commissions we have, for example the Independent Electoral Commission, according to my understanding, are independent, but this independence has limitations because they use our tax money in this country.
That is my concern, which I request the Minister to address. You must monitor the recruitment of officials to higher positions because there are old people, whose race I am not going to divulge, who have Standard 2 and one of them is the chief executive officer of this commission. We will not tolerate having people of that calibre in a democratic country.
Then let us come back to the issue of the nine provinces whereby operations differ from one province to the other, because these officials claim that they will step down only when they retire. For example: I am 50 years old today; imagine if I were to be in a management position until I am 65, managing the electoral commission here in the Western Cape badly.
The Independent Electoral Commission should not operate like a state. It must function according to the rules and regulations of the country and follow the laws that have been passed by both these Houses of Parliament. You must undertake an investigation into this. In Mpumalanga there is tangible evidence that the managing director recruited his sister. These things are not accepted in a democratic country. These are the things that I request you to deal with. I am aware how big your department is. The Chairperson is also abusing me, but he is doing his job. Thank you.]