Thank you, Chairperson. Hon Minister and Deputy Minister and hon members ...
... Ngqongqoshe, kanye nePhini lakho, ngiyakubongela ngoba unikezwe umsebenzi wokuthi usikhiphe ebugqilini bokuhlala emijondolo. Ngiyazi-ke ukuthi iminyaka emihlanu yisikhashana nje esincane, singasibuka kuyisikhathi eside kodwa-ke kuyisikhathi esincane.
Ngoba-ke nibala nezindawo lezi zethu zokudabuka, ngalokho ngithi-ke kuwe ama-Major stake holders alaphaya kuma-Traditional Councils akhona cishe ezifundazweni eziyisikhombisa,lokhu okuthiwa ama-Traditional Councils kunemitheshwana-ke ebusa lezi zindawo zama Traditional Councils ngocela mhlonishwa Ngqongqoshe nama MECs akho ukuba nizifake lezi zinduna emakhaya ngoba kunemitheshwana engabuye ivimbele abantu bakithi ukuthi bacoshe intuthuko uma ingalandelekanga.
Ngikufisela inhlanhla-ke okuwukuthi ngoyibona iphela imijondolo eThekwini, ngoyibona iphela imijondolo eKapa, ngoba ikake iKapa nje nakwamanye amalokishi akithi ikhona. Bese ngithi-ke kubafowethu nakodadewethu - lokhu okuthiwa yi-opposition asingakuthathi nje ngokuthi yintwana encane kodwa yinto eqaphe intandoyeningi yethu - njengezwe elisentandweni yeningi kufanele ukugxeka kubekhona ngoba uma ungasagxekwa ngeke ubone kahle ukuthi kuhamba kanjani. Alikho-ke isoka elingenasici ezindaweni zalo. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... Minister and your deputy, I congratulate you because you were given the task of liberating us from the slavery of living in shacks. I know that five years is just a short period of time. We can regard it as a long period of time whereas it is a short period of time.
Since you are referring to our rural localities, I am saying to you the major stakeholders who are in traditional councils exist in almost seven provinces. There are rules governing these traditional councils. I request you hon Minister, and your MECs, to involve headmen in rural areas, because these rules might prevent our people from being assisted with development if they are not looked into.
I wish you luck, hoping that I will see fewer shacks in eThekwini. I can see that fewer shacks are being built in Cape Town. The shacks that you see surrounding Cape Town are also there in our townships. Let me also say to my brothers and sisters that we do not have to undermine what is referred to as the opposition and regard it as a minor thing, because it is something that safeguards our democracy. In a democratic country there should be criticism, because if you are not criticised you will not know whether you are on the right track or not, since there is no one who is perfect.]
Thank you, Chairperson. [Applause.]