Chairperson, hon Minister and Deputy Minister, special delegates and hon members ...
Malungu ahloniphekile nawe Sihlalo, ngizwa ngifikelwa yizinyembezi uma ngabe kukhona abantu abakhuluma ngokuthi kuleli lizwe lethu lokudabuka ku khona abantu okufanele bamukwe amapulazi. Ngonyaka ka-1903, KwaZulu-Natali - ingxenye yeNingizimu Afrika - ukhokho wami iNkosi uDinuzulu, wabanjwa waboshwa e-St Helena ngendaba yezwe. Kodwa namhlanje sekukhulunywa ukuthi kunabantu okufanele bacatshangelwe bese kucindezelwa abantu bakithi. Ngizwa kushisa izinyembezi emehlweni ami ngoba iNdlondlo enophaphe ekhanda yabhadla ejele kanti noyise wafika khona lapha eKapa.
Ngiyacela-ke kuNgqongqoshe ukuthi uma sekuza odabeni lwezemihlaba, azi ukuthi kunamapulazi eduze kwesigodlo si kababamkhulu e-Vryheid. Abantu bakababamkhulu baxhashazwa nsukuzonke kanti ngokomlando waKwaZulu sabehlula thina beNkayishana. Uma ngidlula ngiya eMtuba ngilihamba lonke leli likaMthaniya ngizocela uNgqongqoshe akwenze kube sohleni lwakhe lwezinto ezibalulekile ukuthi ake ahambe ayolibuka leliya lizwe abone ukuthi amaphesenti ayi-100 aloya mhlaba ungowabantu bokudabuka lapha eNingizimu Afrika kodwa ngamaphesenti ayi-13 asebesele nawo njengomhlaba wabo. Kuyihlazo-ke ukuthi emva kweminyaka eyi-15 yenkululeko abantu bakithi basacindezeleka ngale ndlela. Angiphaki yona impi kodwa engikushoyo kumalungu ahloniphekile ukuthi udaba lomhlaba lubucayi kakhulu alubukwe ngendlela enokwakha. Abantu abangabelwanga umhlaba wabo ngendlela abaphinde babelwe ngendlela eyiyona.
Ngiyazi-ke ukuthi bakhona abaholi bomdabu abangavumelani nalezi zinto ngisho neSilo uZwelithini imbala iNkosi yaKwaZulu - ngiyazi ukuthi kuye kuthi uma kukhulunywa ngodaba lokwabiwa komhlaba angathandi ukubandakanywa. Bengiyocela ukuthi uNgqongqoshe ahlele umhlangano wokubonisana nabaholi bomdabu kwazeke ukuthi abantu kufanele banikezwe umhlaba wabo. Ngaleyo ndlela kube nguMnyango wakho othwala umthwalo wokusombulula le ngwadla. UMnyango wakho futhi ubalekelele abantu ngogandaganda ngoba izinkabi azisekho laba bokufika bazijova zonke zaphela. Ngiyabonga Ngqongqoshe ngifisa sengathi isabelo sakho semali singaba yimpumelelo sikwazi ukuqeda ububha kubantu bakithi. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Chairperson, hon members, I feel tears burning in my eyes when I hear people say that in this country, our country of origin, there are people whose farms must be expropriated. In 1903, in KwaZulu-Natal - a part of South Africa - my great grandfather King Dinuzulu was arrested and sent to St Helena because of land issues. But today, people say that there are others whose cases must be handled with caution, which suppresses our people in the process. I feel tears burning in my eyes because an old experienced and vicious mamba was busted in jail and his father was also captured and sent here to the Cape.
I am, therefore, requesting the hon Minister that when we deal with the issue of land, he must know that there are farms near my grandfather's palace in Vryheid. My grandfather's people are exploited every day whilst according to the KwaZulu history, we, the offspring of Nkayishana, defeated them. When he goes to Mtuba and walks through this land of Mthaniya, I am asking the hon Minister to place this issue on his priority list. He should walk around in that part of the land so that he can see that of the 100% of the land that used to be owned by the indigenous people of South Africa, only 13% of that land is still in their possession. It is, therefore, shameful that after 15 years of freedom our people are still suppressed like this. I am not declaring war, but what I am saying to the hon members is that the land issue is a very delicate matter; therefore, it needs to be viewed in a constructive manner. People whose land claims were not properly addressed should be revisited.
I know that there are traditional leaders who do not agree with these things - even His Majesty King Zwelithini of the Zulus himself. I know that when the issue of land distribution is discussed, he does not want to be involved. I would request the hon Minister to plan a consultative conference with the traditional leaders to enable people to get their land. Therefore, it must be your department that shoulders the responsibility of solving this crisis. Your department should also assist them with the provision of tractors as they do not have oxen anymore since the settlers sterilised them and they consequently perished. I am grateful to you hon Minister, and I wish that your Budget Vote can be approved so that it can end the poverty our people experience. Thank you.]