Ngiyabonga Sihlalo, engikushilo mina angikhulumanga ngagama lamuntu, ngibuze umbuzo nje kuphela angizange ngiqhubeke nenkulumo. Okunye okukhona engifuna ukukuphawula wukuthi ubaba uMntwana wakwaPhindangene ngendlela ebekhuluma ngayo kwezomnotho ubungasho impela ukuthi cha le nkulumo ibibhalwe yikomanisi elikhulu ubaba uBlade Nzimande uma ekhuluma ngokubekwa phansi kwesizwe. Kangazi noma bayawahlanganyela amanothi kulodaba lolu ngendlela ebekhuluma ngalo.